Imithethonkambiso ngeke yasebenza emikhunjini ethile nokunye.
Isahluko 1 - Ababambe iqhaza embonini yezasolwandle kudingeka babe nezinhlelo zokuvikela olwandle.
Imikhumbi elawulwa eNingizimu Afrika akufanele ivimbele noma ithikameze ukulandelwa kwezinhlelo zokuvikela zasolwandle.
UMqondisi-Jikelele angayala ukuba ababambe iqhaza babukeze izinhlelo zokuvikela olwandle.
Ukwesulwa kwezinhlelo zokuvikela olwandle ngoba kuceliwe.
Abasebenzi bemikhumbi bangabukeza izinhlelo zokuvikela zemikhumbi.
IsiPhathimandla singayala abasebenzi bemikhumbi ukuba babukeze izinhlelo zokuvikela zemikhumbi.
Lemithethonkambiso izobizwa ngeMithethonkambiso yeMikhumbi yeMpahla yokuThengisa (ezokuVikela oLwandle) ka 2004.
Lena eminye imithethonkambiso esele iyoqala ukusebenza ngosuku lemithethonkambisa eyokhishwa ngalo ePhephabhukwini loMbuso iGazethi.
Ukuze kufezwe lenhloso, lemithethonkambiso isungula umhlahlandlela ozinze ekuthuthukiseni izinhlelo zokuvikela zemikhumbi kanye nezinye ezokuthutha olwandle.
Ukusetshenziswa kwalomhlahlandlela kuzokwenza ukuba iRiphablikhi ikwazi ukuhlangabezana nezibopho zayo ngaphansi kweSahluko IX - 2 wesiVumelwano sezokuVikela kanye noMgomo we-ISPS.
umkhumbi wempahla kushiwo noma imuphi umkhumbi okungesiwona umkhumbi othwala abantu , kanti kumbandakanywa...
umsebenzi wempahla yasechwebeni kushiwo umuntu osebenza ngempahla esetshenziswa echwebeni...
I-ISSC esemthethweni uma kukhulunywa ngemikhumbi ngesikhathi esithile, kushiwo I-ISSC yomkhumbi osebenzayo ngaleso sikhathi.
Ngenhloso yaleMthethonkambiso, umkhumbi wohlobo okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso-10 1 uthathwa njengosetshenziselwa ezokuthutha zasolwandle uma usetshenziswa njengomkhumbi walolo hlobo.
h ichweba elilawulwa ngokuvikela, noma ingxenye yaleli chweba noma ingasiphi isikhathi lapho lelo chweba , noma ingxenye yalelo chweba lingaphansi noma lilawulwa kuphela nguMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika.
h ukubeka ukuphepha komkhumbi engozini ngokwedlulisa ulwazi olungamanga.
Ichweba yindawo yamanzi, umhlaba namanzi (kumbandakanya nezakhiwo, okuxhunyiwe nezinto zokusebenza ezitholakala kulawo manzi noma umhlaba) okuhloswe ukuthi ezisetshenziselwe yonke noma ingxenye yayo okuphathelene nokunyakaziswa, ukulayishwa, ukwethulwa, ukugcina noma ukunikezelwa kwemikhumbi.
b indawo evulekile yamanzi okuhloswe ukuba isekele noma ibambe imikhumbi ngaphambi kokuba ingene endaweni yamanzi okukhulunywa ngayo kusigatshana a; futhi c indawo yamanzi evulekile phakathi kwendawo yamanzi echazwe kusigatshana a no b.
a okuhloswe ukuba isetshenziselwe yonke noma ingxenye yayo mayelana nokuhamba, ukulayishwa noma ukwethulwa , ukulungisa noma ukunikezela ngemikhumbi elawula ngezokuVikela; futhi b echazwe kusixhumelo 1.
UMqondisi-Jikelele ngokukhipha isaziso ePhephabhukwini loMbuso, angakhetha umuntu ozosebenza echwebeni elilawulwa ngezokuvikela.
c imibono yomuntu, abantu ababhekene nokuphathwa komsebenzi wechweba.
b umkhumbi olawulwa kwelinye izwe.
c indawo yokuwela emile noma etata emanzini aseNingizimu Afrika.
ukuze kungabi bikho ukudideka, indawo yokuwela emile okukhulunywa ngayo kumthethosisekelo- 1 c ithathwa njengomkhumbi ngokwenhloso yalemithethonkambiso.
Umkhumbi ungumkhumbi olawulwa kwelinye izwe uma lowo mkhumbi...
omunye umkhumbi; noma v ichweba, okusetshenziswa echwebeni noma ngokunye okuxhunyelwe echwebeni; kanye d isenzo besamulekile kuleso simo.
a umuntu kudingeka ukuba alandele imiyalo yokuvikela; futhi b ukulandelwa komyalo kusho ukuthi lowo muntu wenze icala ngokwephula leso sidingo noma ukwephula uMthetho noma lemithethonkambiso, lowo muntu , uma elandela imiyalo yokuvikela , uthathwa ngokuthi akenzanga cala noma kaphulanga okudingekayo.
Umuntu, ekulandeleni umyalo wokulawula, uthathwa ngokuthi akenzanga icala noma akephulanga okudingekayo.
Ngokwenhloso yalemithethonkambiso umuntu anganikeza isaziso noma umyalo noma akhulumisane nomsebenzi womkhumbi ngokumnikeza isaziso noma umyalo noma ukuxoxisana nesithunywa salowo mkhumbi.
c indawo echwebeni elilawulwa ngezokuvikela; kanye d lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle.
e Imisebenzi eyenziwa yilabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle mayelana noma ngokuhambisana namachweba alawulwa ngezokuvikela.
UMqondisi-Jikelele ngokubhaliwe angamemezela futhi ezokuvikela olwandle izinga- 2 noma ezokuvikela olwandle izinga- 3 elisebenzayo emikhunjini elawulwa kwamanye amazwe.
a eseke waxoxisana ne-NICOC; futhi b anelisiwe ukuthi kukulungele yini ukwakhiwa kwezokuvikela ezisezingeni eliphezulu kulelo chweba, mkhumbi, indawo noma umuntu obambe iqhaza ngoba ubungozi buphezulu bokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle okungakhonjwa.
b uma isimemezelo sichitha ngokubhaliwe uMqondisi-Jikelele.
b noma imuphi umsebenzi owenziwe yilowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle.
Uhlelo lokuvikela lwalowo mkhumbi kungalandelangwa ngaphandle uma izinyathelo okukhulunywa ngazo kulolo hlelo lwezokuvikela olwandle zisetshenziswa.
Umyalo wezokuvikela unikezwa mayelana nechweba, umkhumbi, indawo, obambe iqhaza noma umsebenzi, amazinga ezokuvikela akhona kuyaqhubeka nokusetshenziswa.
Uma ngabe uMqondisi-jikelele ememezela ukuthi ezokuvikela olwandle izinga elisetshenziswayo lechweba elithile, uMqondisi-Jikelele ngokushesha angazisa...
i olawula indawo ngaphakathi kwemincele yechweba lwezokuvikela olwandle ii osebenza ngaphakathi kwemincele yechweba lezokuvikela olwandle.
i lawula indawo engaphakathi komncele wechweba wezokuvikela; noma ii osebenza ngaphakathi kwemincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela; futhi b induna yomkhumbi olawulwa ngezokuvikela kulelo chweba noma mayelana nokungena kulelo chweba.
Uma umsebenzi womkhumbi ehluleka ukulandela umthethonkambiso- 3, uyobe esenze icala okuyothi uma elahlwe icala ahlawuliswe imali noma avalelwe ejele isikhathi esengevile ezinyangeni eziyi-12.
Umthethonkambiso 3 awusebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
a umsebenzi walowo mkhumbi; noma b induna yomkhumbi.
Uma uMqondisiJikelele azisa umsebenzi womkhumbi njengoba kushiwo kumthethonkambiso 1 ngenhla, umsebenzi womkhumbi kufanele ngokushesha adlulisele leso saziso kwinduna yomkhumbi othintekayo.
Uma umsebenzi womkhumbi ehluleka ukulandela lokho okushiwo kumthethonkambiso 2 ngenhla, uyobe esenze icala, okuyothi uma elahlwa yicala ahlawuliswe inhlawulo noma avalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
Umthethonkambiso 3 awusebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
a lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ophethe leyo ndawo; futhi b Uma lowo obambe iqhaza kungesiyena umsebenzi womkhumbi, azise naye umsebenzi womkhumbi.
a lowo obambe iqhaza; kanti b uma lowo obambe iqhaza eqhuba umsebenzi othintwa isimemezelo ngaphakathi kwechweba elilawulwa ngezokuvikela futhi engeyena umsebenzi womkhumbi, kanye nomsebenzi womkhumbi.
a UMqondisi-Jikelele azise umuntu okukhulunywa ngaye kumthethonkambiso- 22, 23,24 noma- 25 ukuthi kusetshenziswa izinga lezokuvikela olwandle; futhi b UMqondisi-Jikelele echitha leso simemezelo, uMqondisi-Jikelele kufanele ngokushesha, azise lowo muntu ngokuchithwa lokho.
a umsebenzi wechweba azise omunye umuntu ngokusho komthethonkambiso- 22 2 ukuthi kusebenza izinga lezokuvikela olwandle; futhi b uMqondisi-Jikelele echitha leso simemezelo, umsebenzi wechweba kufanele ngokushesha azise lowo muntu ngokuchithwa lokho.
a umsebenzi womkhumbi azise induna yomkhumbi ngokusho komthethonkambiso- 23 2 ukuthi kusebenza izinga lezokuvikela olwandle; bese b uMqondisi-Jikelele echitha isimemezelo leso, umsebenzi womkhumbi kufanele azise induna yomkhumbi ngokuchithwa kwesimemezelo leso ngokushesha.
a umsebenzi wechweba ehluleka ukulandela lokho okushiwo umthethonkambiso 2; noma b umsebenzi womkhumbi ehluleka ukulandela lokho okushiwo umthethonkambiso 2 ; noma umsebenzi wechweba noma umsebenzi womkhumbi , noma imuphi othintekayo uyobe esenze icala okuyothi uma elahlwa yicala ahlawuliswe imali noma evalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
Umthethonkambiso 4 awuyukusebenza uma umsebenzi wechweba noma umsebenzi womkhumbi noma imuphi othintekayo enesizathu esizwakalayo.
UMqondisi-Jikelele angakhipha umyalo obhaliwe wokuba kuthathwe futhi kulandelwe ezinye izinyathelo zezokuvikela.
Umyalo okhishwe ngaphansi komthethonkambiso 1 ungumyalo wezokuvikela.
a bonisane ne-Nicoc; futhi b anelisiwe ukuthi kufanele ukuba kukhishwe umyalo ngoba kungahle kube nokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle maduze.
Umyalo ngezokuvikela ungamisa izithiyo mayelana nokudalulwa komyalo.
Lezo zithiyo ziyizidingo zokugcina imfihlo.
c abantu, ngaphandle kwabantu ababalulwe esigabeni a no b , abangaphakathi komncele wechweba elilawulwa ngezokuvikela.
Ngenhloso yokunikeza imiyalo yokuvikela kubantu ababalwe kumthethonkambiso 1 b no c ngenhla, uMqondisi-Jikelele uthathwa ngokuthi unike umyalo kubantu uma umyalo ubekwe noma wenekwe ngokucacile endaweni lapho kufanele ulandelwe noma ugcinwe yilabo bantu.
KuloMyalo wezokuVikela onikwe umsebenzi wechweba, wechweba elilawulwa ngezokuvikela, uMqondisi-Jikelele angayala umsebenzi wechweba ukuba abikele labo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle abasebenza ngaphakathi nomncele wechweba ngomyalo wokuvikela.
Uma ngabe uMqondisi-Jikelele enika umsebenzi wechweba umyalo ngaphansi komthethonkambiso 1 edinga umsebenzi wechweba ukuba azise noma abikele abathile ababambe iqhaza embonini yezolwandle abasebenza ngaphakathi komncele wechweba ngawo wonke noma ngengxenye yalowo myalo, umsebenzi wechweba kufanele ngokushesha abikele noma zise abathile ababambe iqhaza embonini yezasolwandle ngowo wonke noma ngengxenye yoloeo myalo.
Uma umsebenzi wechweba ehluleka ukwenza lokho okushiwo kumthethonkambiso 4 wenza icala okuyothi uma elahlwa yicala ahlawuliswe imali noma avalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
Umthethonkambiso 5 ngeke usebenze uma umsebenzi wechweba enesizathu esizwakalayo.
Uma lowo obambe iqhaza embonini yezolwandle enikwa umyalo ngumsebenzi wechweba njengoba kushiwo kumthethonkambiso 3, lomyalo uthathwa njengokhishwe nguMqondisi -Jikelele.
a msebenzi womkhumbi walowo mkhumbi; noma b induna yomkhumbi yalowo mkhumbi.
Uma uMqondisi-Jikelele enika umsebenzi womkhumbi umyalo ngokomthethonkambiso 1 umsebenzi womkhumbi kufanele ngokushesha azise noma abikele induna yomkhumbi ethintekayo ngalowo myalo.
Uma umsebenzi womkhumbi ehluleka ukwenza lokho okushiwo umthethonkambiso 2 wenza icala okuyothi uma elahlwa yicala ahlawulise imali noma avalelwe ejele isikhathi esingevile izinyanga eziyi-12.
Umthethonkambiso 3 ngeke usebenze uma umsebenzi wechweba enesizathu esizwakalayo.
Umyalo wezokuvikela uqala ukusebenza ngesikhathi esinqunywe kulowo myalo.
Kodwa-ke a Uma i isikhathi singanqunywanga; noma ii isikhathi esinqunyiwe singaphambi kokuba umyalo onikiwe uqale ukusebenza, uqala ukusebenza emahoreni angama-24 ngemuva kokuba ukhishiwe; noma b uma isikhathi esinqunyiwe singemuva kosuku lwesikhombisa ngemuva kokuba umyalo ukhishiwe, umyalo uqala ukusebenza ekuqaleni kwalolo suku.
b umyalo ususebenze isikhathi esiyizinyanga ezintathu.
UMqondisi-Jikelele kufanele achithe umyalo wezokuvikela uma ngabe lokho kugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle kungasekho noma kungasenakwenzeka maduze.
UMqondisi-Jikelele kufanele azise noma abikele lowo muntu ngokuchithwa.
Uma uMqondisi-Jikelele ekhombise noma ekhangisi ngomyalo wezokuvikela ngokusho komthethonkambiso- 29 2 futhi uMqondisi-Jikelele echitha lowo myalo , uMqondisi-Jikelele kufanele asuse lowo myalo obukhangisiwe.
a umsebenzi wechweba azisa noma ebikele umuntu ngokomthethonkambiso- 292 ngengxenye noma ngawo wonke umyalo; futhi b UMqondisi-Jikelele echitha lowo myalo.
a umsebenzi womkhumbi azise noma abikele induna yomkhumbi ngokomthethonkambiso- 30 2 ; futhi b uMqondisi-Jikelele echitha umyalo, umsebenzi womkhumbi kufanele ngokushesha azise noma abikele induna yomkhumbi ngokuchithwa komyalo.
c umsebenzi wechweba noma umsebenzi womkhumbi, lowo othintekayo, uyakuba esenze icala okuyothi uma elahlwa yicala akhokhe inhlawulo noma avalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
Umthethonkambiso 6 ngeke wasebenza uma umsebenzi wechweba noma umsebenzi womkhubi, lowo othintekayo, enesizathu esizwakalayo.
b b kusetshenziswa umyalo ; futhi c umuntu ehluleka ukugcina umyalo; futhi d ukwahluleka kungekhona ukwahluleka ukugcina izidingo eziyimfihlo.
Umthethonkambiso 1 awusebenzi uma lowo muntu enesizathu esizwakalayo.
a lowo muntu enikwe umyalo wezokuvikela; futhi b umuntu ehluleka ukugcina izidingo eziyimfihlo ezikulowo myalo; futhi c ukwahluleka lokho kungenzekanga ngenxa yokudalulwa okwenziwe enkantolo noma komunye umgwamanda noma umuntu onamandla okuyala ukuba kuvezwe amabhuku noma kuphendulwe imibuzo.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 1 uma likulahlile uyojeziswa ngokukhokha imali noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile esinyangeni eziyi-12.
a umsebenzi wechweba b umsebenzi wezinto ezisetshenziswa echwebweni.
a lowo obambe iqhaza kudingeka ngokomthethonkambiso -35 uma abe nohlelo lwezokuvikela olwandle; futhi b lowo obambe iqhaza esebenza njengobambe iqhaza; futhi c kungekho hlelo lwezokuvikela olwandle okusetshenziswa yilowo obambe iqhaza.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 1 linesijeziso uma likulahlile uhlawuliswa imali noma uvalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi -12.
a lowo obambe iqhaza kudingeka ngokomthethonkambiso- 35 ukuba abe nohlelo lokuvikela olwandle; futhi b kukhona uhlelo lwezokuvikela zasolwandle olusetshenziswa yilowo obambe iqhaza ; futhi c lowo obambe iqhaza ehluleka ukulandela lolo hlelo.
Umthethonkambiso 1 awusebenzi uma lowo obambe iqhaza enesizathu esizwakalayo.
Lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle akufanele enze isenzo ezingathikameza noma sivimbele uhlelo lwezokuvikela olwandle lomunye umuntu naye obambe iqhaza kulemboni yezasolwandle.
i akudingekile ukuba abe nohlelo lwezokuvikela lwasolwandle; futhi ii esenikezwe izingxenye ezifanele zohlelo oluchithekela komunye.
Lona omunye obambe iqhaza embonini yezasolwandle kufanele athathe izinyathelo ezithile ukuze alandele uhlelo.
a uhlelo lwezokuvikela lwasolwandle uhlelo lwalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle elekela kumsebenzini womunye obambe iqhaza embonini yezasolwandle ; futhi i kufanele abe nohlelo lwezokuvikela olwandle; futhi ii usenikezwe ingxenye efanele yalolo hlelo; futhi iii esevumile ngokubhaliwe lowo msebenzi owelekela kulolo hlelo olwelekayo.
Lona omunye obambe iqhaza embonini wephula umthethonkambiso , no , omunye obambe iqhaza akenzi icala kodwa anganikwa umyalo wokuphoqwa.
Umsebenzi wemikhumbi elawulwa eNingizimu Afrika akufanele uthikameze noma uvimbele ukulandelwa kohlelo lwezokuvikela lwasolwandle.
e ukubhekana nezinye izidingo ezidingeka engxenyeni- A yomgomo we-ISPS okufanele kubhekwane nazo ohlelweni lokuzosetshenziswa uma kuhlolwa ezokuvikela; kanye f ukukhombisa ukuthi ukusetshenziswa kohlelo kuyoba nomthelela ekuncishisweni kwengozi yokugxambukela ngokungekho emthethweni kwezokuthutha olwandle.
a kubhekane nezidingo ezidingeka engxenyeni A yomgomo we-ISPS okufanele kukhulunywe ngazo ekuhlolweni kwezokuvikela; futhi b noma zenziwe ngokuhambisana nezinye izidingo ezimiswe ngokubhaliwe nguMqondisi-Jikelele.
Uma kumiswa izidingo ngaphansi komthethonkambiso 2 b, uMqondisi-Jikelele kufanele akhumbule izibopho ezibekwe kuSahluko IX-2 seSivumelwano sokuVikela nomgomo we-ISPS.
c lolo nalolo hlelo lwezokuvikela lwebanga elithile lwalowo obambe iqhaza embonini yezokuvikela yasolwandle.
Ekubhekiseni izindaba okufanele uMqondisi-Jikelele azibhekele ngokwesibopho esibekwe kuSahluko IX-2 seSivumelwano sokuVikela noMgomo we-ISPS.
a lubhalwe; futhi b luhambisane nezidingo ezimiswe nguMqondisi-Jikelele ngokubhaliwe kulelo fomu.
Lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle anganika uMqondisi-Jikelele uhlelo lwakho bese ecela uMqondisi-jikelele ukuba amukele lolo hlelo.
a mukela uhlelo; futhi b anike lowo obambe iqhaza isaziso esibhaliwe ngokwamukelwa kohlelo.
a chitha leso sicelo; futhi b anganika lowo obambe iqhaza isaziso esibhaliwe ngezizathu ezenze kuchithwe isicelo leso.
Uma ebhekisisa ukuthi uhlelo luyabhekana yini ngokwanele nezidingo ngokwesahluko- 3, uMqondisi-Jikelele angabheka isimo esikhona esihambisana nezokuvikela kwezokuthutha zasolwandle.
kuyothathwa ngokuthi usichithile isicelo sokwamukelwa kohlelo.
Uma uMqondisi-Jikelele amukela uhlelo lwezokuvikela olwandle, lolo hlelo luqala ukusebenza ngosuku olumiswe kusaziso sokwamukelwa.
uhlelo luyoqala ukusebenza ngosuku okunikwe ngalo isaziso.
a kufike isikhathi lapho kungena olunye esikhundleni salo ngokomthethonkambiso- 47 2; noma b ukwamukelwa kohlelo kwesulwa ngokusho kwalomthethonkambiso.
UMqondisi-Jikelele ngokukhipha isaziso esibhaliwe angayala lowo obambe iqhaza ukuba aguqule uhlelo.
Kodwa-ke uMqondisi-Jikelele angeke anika isaziso ngaphansi komthethonkambiso 1 ngaphambi kokuba esenelisekile ukuthi uma seluguquliwe uhlelo luzokwazi ukubhekana ngokwanele nezidingo ezifanele ngokwesahluko- 3.
a asho ukuthi yikuphi okuzoguqulwa; futhi b asho isikhathi okufanele lowo obambe iqhaza anike ngaso uMqondisi-Jikelele uhlelo oseluguquliwe.
a oseluguquliwe njengokusho komyalo; futhi b ngesikhathi esinqunyiwe, noma ngesinye isikhathi esengezwe nguMqondisi-Jikelele, uMqondisi-Jikelele kufanele asule ukwamukelwa kohlelo lolo ngokubhalela lowo obambe iqhaza isaziso.
a lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle enike uMqondisi-Jikelele uhlelo lwezokuvikela olwandle; futhi b lowo obambe iqhaza enika uMqondisi-Jikelele olunye uhlelo lwezokuvikela olwandle uhlelo olubukeziwe, umthethonkambiso- 44 no -45 kuyosebenza kulolo hlelo olubukeziwe.
a Uma uhlelo olubukeziwe lwalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle luqala ukusebenza lungena esikhundleni sanoma iluphi olunye uhlelo lwalowo obambe iqhaza olusebenzayo ngaleso sikhathi.
i ngenxa yokuthi kunoshintsho esimweni esihambisana nezokuvikela ezokuthutha zasolwandle; noma ii ngenxa yokuthi kunoshintsho olungaba nomthelela kwezokuvikela ezokuthutha zasolwandle;noma iii nezinye izizathu, uMqondisi-Jikelele angabhala isaziso ayale lowo obambe iqhaza ukuba anike uMqondisi-Jikelele uhlelo olubukeziwe ngokomthethonkambiso- 47.
Isaziso kufanele sisho isikhathi okufanele lulethwe ngaso uhlelo oselubukeziwe.
Uma ngabe lowo obambe iqhaza enganiki uMqondisi-Jikelele uhlelo olubukeziwe esikhathini esiqhunyiwe, noma ngesinye isikhathi eselulwe nguMqondisi-Jikelele, uMqondisi-Jikelele kufanele abhalele obambe iqhaza isaziso emazisa ngokwesulwa kohlelo olukhona.
a uhlelo lwezokuvikela lwasolwandle lwalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle uhlelo olukhona selusebenze iminyaka emihlanu ; futhi b uMqondisi-Jikelele engakaze amukele uhlelo olubukeziwe lwalowo obambe iqhaza ngokomthethonkambiso- 47 ngaleso sikhathi, ukwamukela kohlelo olukhona kuyesulwa ngokwalomthethonkambiso.
i aguqule uhlelo ngaphansi komthethonkambiso- 46; noma ii abukeze uhlelo ngokomthethonkambiso -48, uMqondisi-Jikelele kufanele abhale isaziso asinike lowo obambe iqhaza asule ukwamukelwa kohlelo.
a uhlelo lwezokuvikela olwandle lwalowo obambe iqhaza embonini yezokuvikela olwandle lusebenza; futhi b lowo obambe iqhaza ehluleka ukulandela uhlelo, uMqondisi-Jikelele angabhala isaziso asinike lowo obambe iqhaza emazisa ngokwesulwa kokwamukela kohlelo.
a uhlelo lwezokuvikela olwandle lwalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle lusebenza; futhi b lowo obambe iqhaza enikeza uMqondisi-Jikelele isicelo esibhaliwe ecela ukuba uhlelo olwamukelwe lwesulwe, uMqondisi-Jikelele kufanele abhale isaziso ezise lowo obambe iqhaza ngokwesulwa kohlelo olwamukelwe.
b ukwamukela izinto ezisetshenziswayo eziphathelene nezokuvikela ukuze zisetshenziswe emachwebeni alawulwa ngezokuvikela.
Ekwamukeleni lokho uMqondisi-Jikelele kufanele akhumbule izibopho njengoba zibekiwe eSahlukweni IX-2 seSivumelwano sezokuPhepha noMgomo we-ISPS.
b kufanele kusho isikhathi okuzosebenza ngaso kanye noma iyiphi imibandela enikezwe ; futhi c kungaguqulwa ngemuva kokunika isaziso esamukelekile.
a umkhumbi usetshenziselwa ukuthutha olwandle ; futhi b engenalo uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi olusebenzayo kulowo mkhumbi.
Umthethonkambiso 1 awusebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 1 linesijeziso uma likulahlile uyojeziswe ngokukhokhiswa inhlawulo noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
a umkhumbi usetshenziselwa ukuthutha lwandle ; futhi b kukhona uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi olusebenzayo; futhi c umkhumbi ungasetshenziswa ngokuhambisana nohlelo.
Umthethonkambiso 1 awusebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Icala okukhulunywa ngalo ngaphansi komthethonkambiso 1 kuyothi uma likulahlile ujeziswe ngokukhokhiswa imali noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
Ukusebenza komkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika akufanele kuthikameze noma kuvimbele ukulandelwa kohlelo lwezokuvikela lomkhumbi lweminye imikhumbi.
b Induna yomkhumbi olawulwa ngokokuqala.
Lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle akufanele enze isenzo esingathikameza noma sivimbele ukulandelwa kohlelo lwezokuvikela lomkhumbi lwalowo mkhumbi.
Uma lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ephula umthethonkambiso 1 akenzi icala kodwa angakhishelwa umyalo wokuphoqwa.
b lubeke izinyathelo zezokuvikela okufanele zisetshenziswe noma mayelana nomkhumbi wezokuvikela izinga- 1, 2 no 3.
a Kubhekane nezidingo ezidingeka eNgxenyeni- A yoMgomo we-ISPS okufanele ubhekelwe ukuhlolwa kwezokuvikela zomkhumbi; futhi b Uma kungenjalo lungaqhutshwa ngokulandela noma iziphi izidingo njengoba zimiswe ngokubhaliwe isiPhathimandla.
Ekumiseni izidingo ngaphansi komthethonkambiso 2 b isiPhathimandla kufanele sibheke izibopho ezimiswe eSahlukweni IX-2 seSivumelwano sezokuPhepha nomgomo we-ISPS.
Ekumiseni undaba, IsiPhathimandla kufanele sibheke izibopho ezimiswe eSahlukeni IX-2 weSivumelwano sezokuPhepha noMgomo we-ISPS.
a lubhalwe phansi; futhi b luhambisane nanoma isiphi isidingo sesimo emiswe ngokubhaliwe IsiPhathimandla.
Umsebenzi womkhumbi womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika anganika IsiPhathimandla uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi lomkhumbi bese ecela IsiPhathimandla ukuba samukele uhlelo.
a samukele uhlelo lolo; futhi b sinikeze umsebenzi womkhumbi isaziso esibhaliwe esimazisa ngokwamukela.
Uma ngabe IsiPhathimandla singanelisiwe ukuthi uhlelo lubhekana ngokwanele nezidingo ezifanele ngokwesahluko -3, kufanele a sichithe ukwamukelwa kohlelo; futhi b sibhale isaziso sazise umsebenzi womkhumbi ngokuchithwa kumbandakanya nezizathu ezenze ukuba luchithwe uhlelo lolo.
Uma sifisa ukubona ukuthi uhlelo lubhekana ngokwanele nezidingo ezifanele ngokwesahluko- 3, isiPhathimandla kufanele sibhekisise isimo esikhona mayelana nezokuVikela kwezokuthutha olwandle.
a umsebenzi womkhumbi womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika enika isiPhathimandla uhlelo lokuvikela lomkhumbi lwalowo mkhumbi; futhi b isiPhathimandla singalwamukeli, noma sinqaba ukwamukela uhlelo esikhathini esiyizinsuku ezinga-90 kusukela ngosuku anikwe ngalo uhlelo, kuyothathwa ngokuthi siPhathimandla sikuchithile ukwamukelwa kwalolo hlelo.
Uma isiPhathimandla samukela uhlelo lokuvikela lomkhumbi, lolo hlelo luqala ukusebenza ngesikhathi esibalulwe kuleso saziso sokwamukelwa kohlelo.
a isikhathi esibalulwe kusaziso singaphambi kwesikhathi esinikwe ngaso isaziso; noma b isikhathi sokuqala ukusebenza kohlelo singabalulwangwa kusaziso, uhlelo luqala ukusebenza ngesikhathi kunikezwa isaziso.
a kungena olunye uhlelo esikhundlenni salo ngokusho komthehonkambiso-662; noma b kuyesulwa ukwamukela kohlelo ngaphansi kwalesi sahluko.
IsiPhathimandla singabhala isaziso sinike umsebenzi womkhumbi simyala ukuba aguqule uhlelo.
Kodwa-ke, akufanele isiPhathimandla sikhiphe isaziso ngaphansi komthethonkambiso 1 ngaphandle uma sesanelisiwe ukuthi uma seluguquliwe uhlelo luzobhekana ngokanele nezidingo ezifanele ngokwesahluko-3.
a sibeke izinguquko ; futhi b sibeke isikhathi okufanele umsebenzi womkhumbi alethe ngaso kuso isiPhathimandla uhlelo oseluguquliwe.
a oseluguquliwe ngokusho komyalo; futhi b ngesikhathi esinqunyiwe noma ngesinye isikhathi esingengezwa isiPhathimandla, isiPhathimandla kuyofanele sibhale isaziso sisinike umsebenzi womkhumbi simazise ngokusulwa kohlelo.
a umsebenzi womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika esenike iSiphathimanda uhlelo lokuvikela loMkhumbi; futhi b umsebenzi womkhumbi womkhumbi enika IsiPhathimandla olunye uhlelo lwalowo mkhumbi uhlelo olubukeziwe , umthethonkambiso- 63 no- 64 kuyosebenza kulolo hlelo oselubukeziwe.
Uma uhlelo olubuyekeziwe loMkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika luqala ukusebenza lungena esikhundleni sanoma iluphi olunye uhlelo obelusebenza ngaleso sikhathi.
IsiPhathimandla singabhala isaziso sisibhekise kumsebenzi womkhumbi, simyala ukuba asinike sona isiPhathimandla uhlelo oselubukeziwe ngokusho komthethonkambiso- 66.
Isaziso kufanele sisho isikhathi okufanele kulethwe ngaso uhlelo olubukeziwe.
Uma umsebenzi womkhumbi engasiniki isiPhathimandla uhlelo olubukeziwe singakapheli isikhathi esiqhunyiwe noma esinye isikhathi esingengezwa, isiPhathimandla kufanele sibhale isaziso sinike umsebenzi womkhumbi simazisa ngokwesulwa kokwamukela kohlelo.
a uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi, loMkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika uhlelo olukhona njengamanje selusebenze iminyaka emihlanu; futhi b IsiPhathimandla singakaze samukele uhlelo olubukeziwe lwalowo mkhumbi ngaphansi komthethonkambiso-66 ngalesi sikhathi.
ukwamukelwa kohlelo olukhona kuyokwesulwa ngokwalomthethonkambiso.
isiPhathimandla singabhala isaziso sisibhekise kumsebenzi womkhumbi sisule ukwamukelwa kohlelo.
a uhlelo lokuvikela lomkhumbi , lomkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika lusebenza; futhi b umsebenzi womkhumbi ehlulekile ukulandela uhlelo, isiPhathimandla singabhala isaziso sinike umsebenzi womkhumbi simazise ngokwesulwa kohlelo.
Isiphathimandla kufanele naso sibhale isaziso sazise umsebenzi womkhumbi ngokwesulwa kokwamukelwa kohlelo.
a umkhumbi usetshenziselwa ezokuthutha olwandle; futhi b ungenaso i-ISSC noma i-ISSC yesikhashana esebenzayo yalowo mkhumbi.
Umthethonkambiso 1 awusebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Icala ngaphansi komthethonkambiso 1 linesijeziso uma likulahlile uyojeziswa ngokukhokhiswa imali noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziy-12.
Isicelo kufanele sihambisane nezidingo ezimiswe yIsiPhathimandla ngokubhaliwe.
a umsebenzi womkhumbi efake isicelo se-iSSC yomkhumbi; futhi b kunohlelo lokuvikela lomkhumbi olusebenzayo lwalowo mkhumbi; futhi c umkhumbi uqinisekisisiwe nge-ISSC.
i ufakwe indlela yokuvikela ehambisana nomthethonkambiso IX - 2/6 weSivumelwano sokuVikela ; futhi ii uhlangabezana nezidingo njengoba zimiswe ngokubhaliwe iSiphathimandla; futhi c Isikhathi esimiswe ngokubhaliwe isiPhathimandla , okufanele umkhumbi ubuye uhlolwe naso sesiphelile.
Uma siphakamisa izimiso ngaphansi koMthethonkambiso 1, isiPhathimandlala kufanele sikhumbule izibopho njengoba zibekiwe eSahlukweni IX - 2 seSivumelwano sokuVikela noMgomo we- ISPS.
c sekuphele iminyaka emihlanu ngemuva kokuba sinikiwe I-ISSC.
a kungasekho uhlelo lokuvikela lomkhumbi olusebenzayo lwalowo mkhumbi.
IsiPhathimandla singanika umsebenzi womkhumbi I-ISSC yesikhashana yalowo mkhumbi.
a IsiPhathimandla sinike umsebenzi womkhumbi I-ISSC yomkhumbi olawula eNingizimu Afrika; futhi b Ngesikhathi kusasebenza I-ISSC omunye umsebenzi womkhumbi eba ngusebenzi womkhumbi walowo mkhumbi, isiPhathimandla singanika omunye umsebenzi womkhumbi I-ISSC yesikhashana yalowo mkhumbi.
isitatimende senziwe kumuntu ogunyaziswe yiSivumelwano soMbuso ukuba acele ulwazi mayelana noma oluhambisana nokuthi I-ISSC noma I-ISSC yesikhashana iyasebenza kulowo mkhumbi.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 1 uma likulahlile uyojeziswa ngokukhokhiswa inhlawulo noma uvalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
b ukwamukela izinto zokuletha ukuvikeleka ukuze zisetshenziswe ngaphakathi emkhunjini olawulwa eNingizimu Afrika.
Uma sinika usizo, IsiPhathimandla kufanele sibhekisise izibopho njengoba zibekiwe kuSahluko Xi-2 sesiVumelwano sezokuvikela kanye noMgomo we-ISPS.
c kungasulwa noma kuguqulwe ngemuva kokunikeza isaziso esifanele.
a ube ne-ISSC esemthethweni noma I-ISSC eyamukelekile yalowo mkhumbi; futhi b aqiniseke ukuthi umkhumbi unamarekhodi omkhumbi ezokuvikela adingekayo.
Uma umsebenzi womkhumbi olawula kwelinye izwe ephula umthethonkambiso 1 umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi inganikwa umyalo ngaphansi kweSahluko 2.
Induna yoMkhumbi olawulwa kwelinye izwe, noma umkhumbi ofisa ukungena emanzini aseNingizimu Afrika okuyothi uma sewungenile ube ngumkhumbi olawula kwelinye izwe kufanele unikezele ulwazi ngaphambi kokufika ngokuhambisana nezidingo ezimiswe ngokubhaliwe IsiPhathimandla.
ichweba elingalawulwa ngezokuVikela; futhi b ungowohlobo olungacelwa ngaphansi komthethonkambiso XI-2/9 weSivumelwano sezokuVikela yichweba lomkhumbi olawulwa kwelinye izwe lefulege.
Uma induna yomkhumbi iphula umthethonkambiso 1, induna noma umsebenzi womkhumbi anganikezwa umyalo ngokwesahluko- 2.
Induna yomkhumbi olawulwa kwelinye izwe kufanele ivumele isikhulu esigunyaziwe ukuba singene sihlole umkhumbi ngokwengxenye- 6.
Induna yomkhumbi olawulwa kwelinye izwe kufanele uma icelwa isikhulu esigunyaziwe inikezele amarekhodi ezokuvikela alowo mkhumbi agcinwe emkhunjini.
Uma Induna yomkhumbi yephula umthethonkambiso 1 , induna noma umsebenzi womkhumbi walowo mkhumbi anganikwa umyalo ngokwesahluko -2.
Lomthethonkambiso ubeka izinyathelo zokuphepha okufanele zisetshenziswe yimikhumbi elawulwa kwamanye amazwe.
Ngaphandle uma kushiwo okunye, umthethonkambiso 3 no 7 kufanele ngaso sonke isikhathi imikhumbi isebenzise izinyathelo ze-ISPS izinga- 1.
Uma kusebenza ezokuvikela olwandle izinga- 2 ngoba umkhumbi usechwebeni elilawulwa ngezokuvikela lapho kusebenza khona ezokuvikela olwandle izinga -2, umkhumbi kufanele usebenzise izinyathelo ze-ISPS izinga- 2.
Uma kusebenza ezokuvikela izinga -3 kulowo mkhumbi ngoba umkhumbi usechwebeni elilawulwa ngezokuvikela lapho kusebenza khona ezokuvikela olwandle izinga- 3, umkhumbi kufanele usebenzise izinyathelo ze-ISPS izinga -3.
Uma uMqondisi-Jikelele ememezela ngaphansi komthethonkambiso 17 2 ukuthi kusebenza ezokuvikela olwandle izinga- 2 kulowo mkhumbi, lowo mkhumbi kufanele usebenzise izinyathelo se-ISPS izinga- 2.
Uma uMqondisi-Jikelele ememezela ngaphansi komthethonkambiso 17 2 ukuthi kusebenza ezokuvikela zaselwandle izinga -3 kulowo mkhumbi, lowo mkhumbi kufanele usebenzise izinyathelo ze-ISPS izinga -3.
a umkhumbi ubhaliswe kwelinye izwe ifulege lombuso; futhi b umkhumbi uyalwa yilowo mbuso ukuba usebenzise ezokuvikela ezisezingeni eliphezulu kunalelo ezisebenza ngaphansi kwalemithethonkambiso , lowo mkhumbi kufanele ulandele lowo myalo.
Uma umkhumbi olawulwa kwelinye izwe ungazisebenzisi izinyathelo zokuvikela ngokuhambisana nesigaba 2 noma 7 umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi yalowo mkhumbi inganikwa umyalo ngaphansi kwesahluko -2.
Izinyathelo ze-ISPS izinga -1 yizinyathelo okufanele zisetshenziswe ngaphansi koMgomo weISPS uma kusebenza ezokuvikela izinga- 1.
Izinyathelo ze-ISPS izinga -2 yizinyathelo okufanele zisetshenziswe ngaphansi koMgomo we ISPS uma kusebenza ezokuvikela izinga -2.
Izinyathelo ze-ISPS izinga -3 yizinyathelo okufanele zisetshenziswe ngaphansi koMgomo we ISPS uma kusebenza ezokuvikela izinga- 3.
Uma uMqondisi-Jikelele enika umkhumbi olawulwa kwelinye izwe umyalo wezokuvikela ngaphansi komthethonkambiso- 30, lowo mkhumbi kufanele ugcine lowo myalo.
Uma umkhumbi olawulwa kwelinye izwe wehluleka ukulandela lowo myalo , umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi yalowo mkhumbi inganikwa umyalo ngaphansi kwesahluko- 2.
Ukusebenza komkhumbi olawula kwelinye izwe akufanele kuthikameze noma kuphazamise ukulandelwa kohlelo lwezokuvikela lwasolwandle lwalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ngendlela engaxengisa ezokuvikela zalowo obambe iqhaza.
Ukusebenza komkhumbi olawulwa kwelinye izwe akufanele kuthikameze noma kuvimbele ukugcinwa kohlelo lwezokuvikela lomkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika ngendlela engaxengisa ezokuvikela zomkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika.
a msebenzi walowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle; noma b umkhumbi, njengoba kushiwo kumthethonkambiso no , umsebenzi womkhubmi, noma induna yomkhumbi, yomkhumbi olawulwa kwelinye izwe anganikwa umyalo ngaphansi kwesahluko- 2.
a induna leyo yaziswa nguMqondisi-Jikelele noma umsebenzi wechweba ukuthi kusebenza ezokuvikela olwandle izinga- 2 no -3 kulowo mkhumbi; futhi b induna yomkhumbi yehluleka ukuvuma ukuthi ithole isaziso kuMqondisi-Jikelele.
i umyalo wezokuvikela nguMqondisi-Jikelele ophathelene nokusetshenziswa komkhumbi ; noma ii inikwe umyalo wokulawulwa yisiPhathimandla ophathelene nomkhumbi; futhi b induna yehluleka ukwamukela umyalo i uma ngabe beyinikwe umyalo wezokuvikela , kuMqondisi-Jikelele; noma ii uma ngabe beyinikwe umyalo wokulawulwa isiPhathimandla.
a uyokwaziswa nguMqondisi-Jikelele ukuthi kusebenza ezokuvikela olwandle izinga- 2 no- 3 kulowo mkhumbi; futhi b umsebenzi womkhumbi ehluleka ukwamukela isaziso esivela kuMqondisi-Jikelele.
i uma bekungumyalo wezokuvikela, uMqondisi-Jikelele; noma ii uma bekungumyalo wokulawulwa yisiPhathimandla.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso -1, 2, 3 noma 4 uma likulahlile uyojeziswa ngokukhokhiswa inhlawulo noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
a msebenzi womkhumbi, womkhumbi olawulwa kwelinye izwe ; noma b induna yomkhumbi, oyala ukuba umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi ukuba enze okuthile noma ayeke ukwenza okuthile okuphathelene nomkhumbi.
a dingekile ukuze kuqinisekise ukulandelwa kweSahluko -1 salengxenye; noma b izinyathelo ezingathathwa, ngaphansi komthethonkambiso IX-2/9 weSivumelwano sokuVikela, ngumbuso wechweba onefulegi lakwelinye izwe.
f ukuvumela isikhulu esigunyaziwe ukuba singene emkhunjini kuze sihlole umkhumbi noma amarekhodi ezokuvikela zomkhumbi athwelwe kulowo mkhumbi.
Uma umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi eyalwa ukuba athathe isinyathelo okukhulunywa ngaso kumthethonkambiso 4 d, umkhumbi othintekayo kuthathwa ngokuthi uboshiwe ngokwaloMthetho.
a kusebenza umyalo ophathelene nomkhumbi olawula kwelinye izwe; futhi b umsebenzi womkhumbi ehluleka ukugcina umyalo.
a kusebenza umyalo wokulawulwa ophathelene nomkhumbi; futhi b induna yomkhumbi yehluleka ukulandela umyalo.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 1 no 2 linesijeziso uma likulahlile uyojeziswa ngokukhokhiswa inhlawulo noma ukuvalelwa ejele isikhathi esiyizinyanga ezingevile kweziyi-12.
d ilunga leziNhloli kuZwelonke.
a umkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika ; kanye b namarekhodi ezokuvikela omkhumbi; kanye c noma imuphi umbhalo ophathelene nezokuvikela zomkhumbi, ngokwenhloso yokubhekisisa ukuthi umkhumbi uyahlangabezana nezidingo ezifunekayo zokufakazelwa kwe-ISSC.
uma kungumkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika , noma imuphi umbhalo f sivule izinto zokusebenza emkhunjini olawulwa eNingizimu Afrika ngenhloso yokuthola imibhalo noma amarekhodi akulowo mkhumbi.
Kodwa-ke, isikhulu esigunyaziwe akufanele sisebenzise amandla ngaphansi komthethonkambiso 2 mayelana nomkhumbi olawulwa kwelinye izwe ofulege lawo liyilunga lesivimelwano, ngaphandle uma amandla awuhlobo lwamandla olungasetshenziswa ngaphansi kweSahluko XI-2 seSivumelwano sokuVikela kanye noMgomo we-ISPS, yichweba mayelana nomkhumbi onefulegi lakwelinye izwe.
a uma amandla esetshenziswa ngaphakathi kwemincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela noma ingasiphi isikhathi nangaphandle kwesaziso; noma b ngale kwalokho, ngemuva kokunika umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi yalowo mkhumbi othintekayo isaziso esamukelekile.
a uma ngabe amandla esetshenziswa ngaphakathi kwemincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela, noma ingasiphi isikhathi, ngaphandle kwesaziso; noma b kungenjalo, ngemuva kokunika lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle isaziso esamukelekile.
Ulwazi oluphathelene nokulandelwa, ukwahluleka ukulandela lemithethonkambiso ngulwazi oluphathelene nokulandelwa kwezokuvikela.
Uma ngabe uMqondisi-Jikelele ekholwa ngokunezizathu ezizwakalayo ukuthi lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle unolwazi oluphathelene nezokuvikela , angabhala isaziso asibhekise kulowo obambe iqhaza emxhusa ukuba anike yena uMqondisi-Jikelele ulwazi noma alunikeze omunye umuntu oyoshiwo.
Ulwazi lolo kufanele lunikwe singakapheli isikhathi nangendlela eyomiswa kusaziso leso. Isikhathi singeke saba ngaphansi kwezinsuku eziyi-14.
c luthunyelwe ngemishini esebenza ngogesi.
uma umuntu ehluleka ukwenza lokho okushiwo isaziso ngekomthethonkambiso 2, lowo muntu wenza icala elingajeziswa ngokukhokhiswa inhlawulo noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
Umthethonkambiso 5 ngeke usebenze uma umuntu enesizathu esizwakalayo sokwahluleka.
Umuntu angeke axolelwa ukuba anganiki ulwazi oluphathelene nokulandelwa kwezokuvikela ngaphansi kwesigaba- 98 ngesizathu sokuthi ulwazi lungamthwesa icala noma lungaholela ekutheni ahlawuliswe.
a ulwazi; kanye b nokunikwa kolwazi; kanye c noma iluphi ulwazi, umbhalo noma into etholwe ngenxa yalolo lwazi, ngeke kwamukelwa njengobufakazi obuzosetshenziswa kumuntu othwese icala lobugebengu, noma ngenye inkundla ephathelene nokukhokhiswa inhlawulo, ngaphandle kwenkundla okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso- 100.
ulwazi lunikwe ngokulandela noma ngenhloso yokulandela umthetho waseRiphablikhi.
a ulwazi lokuhambisana nezokuvikela olunikwe ngumuntu esikhundleni somgwamanda kuthathwa ngokuthi lunikwe ngumgwamanda; futhi b ulwazi noma isimo sengqondo noma imuphi umuntu osebenzela noma othintekayo ekuphathweni komgwamanda kuthathwa ngokuthi ulwazi noma isimo sengqondo somgwamanda.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 1 linesijeziso uma likulahlile ungahlawuliswa imali noma uvalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
a ukuvimbela noma ukuthiya izenzo ezithile ezingenziwa yilowo obambe iqhaza embonini yezolwandle oshiwo umyalo wokuphoqwa; noma b oyala lowo obambe iqhaza obizwe umyalo wokuphoqwa kuba ayeke ukwenza okuthile.
a Lowo obambe iqhaza embonini yasolwandle obhalwe kumyalo wokuphoqwa ephule lemithethonkambiso; futhi b kubalulekile ukuba kukhishwe umyalo ukuze kuvikelwe ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha.
a ucace futhi ube nobundlelwane ngqo nokwephulwa; futhi b uhambisane nokwephulwa.
a uma isikhathi sokuqala ukusebenza esingemuva kosuku okunikwe ngalo lowo obambe iqhaza embonini yasolwandle othintekayo umyalo sibhaliwe kulowo myalo, ngaleso sikhathi; noma b ngale kwalokho, ekuqaleni kosuku lwesikhombisa ngemuva kokunikwa kwalowo obambe iqhaza embonini othintekayo.
a isikhathi esibhalwe kuleso sinqumo uma sibhaliwe; noma b kuze kube sichithwa ngokubhaliwe ngoMqondisi-Jikelele.
a ngezikhawu ezingadluli izinyanga ezi-3, abukeze umyalo wokuphoqwa; futhi b ngemuva kokubukeza, aqinisekise, aguqule noma achithe noma esule lowo myalo ngokubhaliwe.
UMqondisi-Jikelele kufanele asule umyalo kuphela uma anelisekile ukuthi umyalo usadingeka ukuze kuvikelwe ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle.
a kuzoba nokubhekelwa nokuvikeleka kwezokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha olwandle.
ukuhlangabezana nezidingo njengoba zibekiwe umthethonkambiso- 101 no.
Uma ngabe umyalo uguqulwa, leso myalo uyaqhubeka nokusebenza njengoba uguquliwe.
Ngokushesha ngemuva kokwenza noma kokubukeza umyalo, uMqondisi-Jikelele kufanele aqiniseke ukuba lowo obambe iqhaza oshiwo umyalo uyaziswa ngomyalo, noma ukubukezwa komyalo, noma ikuphi okwenzekayo.
Ukwahluleka ukwenza lokho okushiwo yilomthethonkambiso akuphazamisi ukusebenza komyalo.
a enikezwe umyalo wokuphoqwa; futhi b ehluleka ukugcina noma ukwenza lokho okushiwo umyalo.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso- 1 linesijeziso uma likulahla ungakhokhiswa inhlawulo noma uvalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
a umsebenzi womkhumbi, womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika; noma b induna yomkhumbi, siyala umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi ukuba athathe izinyathelo ezithile, noma ayeke ukwenza okuthile okuphathelene nomkhumbi.
Umyalo owenziwe ngaphansi komthethonkambiso 1 ngomyalo wokuphoqwa womkhumbi.
a Umkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika oshiwo kulowo myalo wokuphoqwa ubusebenza ngokwephula lemithethonkambiso; futhi b Umyalo wokuphoqwa siyadingeka ukuze kuvinjelwe ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha olwandle.
a ukhombise ngokucacile ubudlelwane bokwephulwa; futhi b uhambisane noma ulingane nokwephulwa.
Uma ngabe umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi eyalwe ukuba athathe izinyathelo okukhulunywa ngazo kumthethonkambiso- 5 d lowo mkhumbi othintekayo kuthathwa ngokuthi uboshiwe ngokwaloMthetho.
a uma umyalo wokuphoqwa usebenza mayelana nomkhumbi; futhi b umsebenzi womkhumbi ehluleka ukulandela lowo myalo.
a umyalo wokuphoqwa usebenza mayelana nomkhumbi; futhi b induna yomkhumbi yehluleka ukulandela umyalo.
Icala okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 1 noma 2 linesijeziso uma likulahlile ungahlawuliswa imali noma uvalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12.
Uma iRiphablikhi yenze esinye isivumelwano sezokuvikela ngokuhambisana nomthethonkambiso XI-2/11 weSivumelwano sezokuVikela, uMqondisi-Jikelele kufanele engamele ukusebenza kwalesi esinye isivumelwano.
Ukuvimbela ukungabaza, lesi esinye isivumelwano kufanele siguqule noma singene esikhundleni salemithethonkambiso mayelana nezihloko ezithintwe yileso sivumelwano.
i ngezikhawu ezingamiswa ngokubhaliwe uNgqongqoshe; noma ii uma uNgqongqoshe engamisanga isikhathi leso, ngezikhawu ezingamiswa kuso isivumelwano esibukezwayo; noma b Uma uNgqonqgoshe noma isivumelwano singasisho isikhathi, eminyakeni emihlanu.
b ukushintsha kwezinto okuphathelene nezokuthutha olwandle; kanye c noma ikuphi ukushintsha okungaba nomthelela kwezokuvikela ezokuthutha olwandle.
IsiPhathimandla singagunyaza umkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika, noma umkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika wohlobo oluthile, ukuba usebenzise ezinye izindlela zezokuvikela okungesizo lezo ezinqunywe ngokweSivumelwano sezokuVikela noma iNgxenye A yoMgomo we-ISPS uma lezo zinyathelo zokuVikela zisebenza ngempumelelo njengazo lezi ezinqunyiwe.
UMqondisi-Jikelele angagunyaza ichweba elilawulwa eNingizimu Afrika noma ithimba lamachweba alawulwa eNingizimu Afrika ukuba asebenzise ezinye izindlela zezokuvikela okungesizo lezo ezinqunyiwe kuSahluko IX-2 seSivumelwano sezokuVikela noma Ingxenye A yoMgomo uma izindlela zezokuvikela zisebenza ngempumelelo njengazo lezi ezinqunyiwe.
UMqondisi-Jikelele angabhala noma agunyaze umsebenzi osezingeni lokuphatha, noma ibambela lakhe, woMnyango wezokuThutha ukuba asebenzise amandla noma enze umsebenzi kaMqondisi -Jikelele ngaphansi kwalemithethonkambiso.
UMqondisi-Jikelele angabhala aguqule noma achithe ukugunyazwa noma ingasiphi isikhathi.
Ukuze kungabi bikho ukungabaza ukunikwa kwegunya ngaphansi komthethonkambiso 1 akuvimbeli uMqondisi-Jikelele ukuba azisebenzisele yena amandla noma azenzele yena ngokwakhe umsebenzi.
a sungula noma isiphi isigungu esizoxhumanisa abona sifanele; futhi b amise umsebenzi nobulungu baleso sigungu esisunguliwe.
a noNgqongqoshe b ne-Nicoc c nesiPhathimandla d noma iluphi olunye uphiko lukahulumeni noma umuntu uNgqongqoshe asho ngokubhaliwe ukuthi kuboniswane naye.
a yonke imali ekhokhelwa uMqondisi-Jikelele; kanye b nesimo nendlela okuyokhokhwa ngayo imali.
a kokuba kukhokhwe leyo mali; noma b kwenziwe amalungiselelo anelisayo noMqondisi-Jikelele ngokukhokhwa kwaleyo mali.
Lomthethonkambiso yenziwe ngokwesigaba- 356 soMthetho weMikhumbi weMpahla yokuThengisa ka 1951.
ukuqiniseka ukuthi amachweba aqokiwe aseNingizimu Afrika kanye nezinto ezingaphakathi kwawo kusebenza ngokulandela uhlelo lwezokuvikela olwamukelweyo.
Ukukhipha izitifiketi zezokuVikela zeMikhumbi kwamanye amazwe (ISSC) emikhunjini yaseNingizimu Afrika neminye nje imikhumbi ehlukaniswe njengezokuVikela ukuze leyo mikhumbi ikwazi ukungena emachwebeni kwamanye amazwe e-SOLAS.
Ingxenye 1 Isingeniso: Lengxenye imbandakanya inhlosongqangi yaleMithethonkambiso, ukusebenza kwayo kanye nezincazelo. Kunikezwe nencazelo epheleleyo yencazelo yokugxambukela okungekho emthethwni kwezokuthutha zasolwandle ukuze kucaciswe ukusebenza kwalemithethonkambiso. Ezinye izincazelo eziphelelyo yilezo amachweba alawula ngezokuvikela, abasebenzi bechweba kanye nemikhumbi elawulwa ngezokuvikela. Lemithethonkambiso ngeke isebenze emikhunjini kahulumeni, imikhumbi, izikebhe zokudoba neminye imikhumbi okungajwayelekile ukuba inganyelwe yi-SOLAS.
Ingxenye 2-Amazinga ezokuvikela olwandle neMiyalo ngezokuVikela: Lengxenye ihlahla ngokusebenza kwamazinga ezokuvikela olwandle, imiyalo ngezokuvikela kanye nendlela yokwaziswa. Ezokuvikela olwandle izinga- 1 liyakuba izinga elingekho. EzokuVikela zasolwandle izinga- 2 nezokuvikela olwandle izinga -3 ziyakumenyezelwa ngoMqondisi-Jikelele uma sekufanele ukuba kusetshenziswa izinga eliphezulu lezokuvikela. Ngaphezu kwalokhu kumyalo wezokuvikela ongakhishwa emazingeni- 1, 2 no 3 ezokuvikela, uMqondisi-Jikelele angayala lowo obambe iqhaza kwezokuvikela olwandle ukuba agcine izinyathelo zezokuvikela ezengeziwe uma kubonakala ukuthi kungaba nokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuvikela zasoLwandle. Indlela yokwazisa iqinisekisa ukuthi labo ababambe iqhaza embonini yezokuvikela olwandle nabanye abantu abadinga ukwazi ngezokuvikela ezibalulekile nemininingwane ngemiyalo yezokuvikela bayathinteka.
Ingxenye 3 Izinhlelo zezokuvikela olwandle: Lengxenye idinga ukuba abathile kulabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle babe nezinhlelo zezokuvikela olwandle ezisebenzayo okufanele futhi zimbandakanye izinyathelo zezokuvikela nezokuvikela kanye nemisebenzi okufanele yenziwe kwezokuvikela izinga- 1, 2 no-3. UMqondisi-Jikele uyonika imininingwane eyanele ngendlela nesimo sohlelo lwezokuvikela olwandle. Izinhlelo kufanele zamukelwe uMnqondisi-Jikelele uma zanele, kanti futhi zingesulwa ezimweni ezithile nguyena uMqondisi-Jikelele zingabukezwa ngezikhathi ezithile ukuze zigcinwe zisafanele.
Ingxenye 4-Izinhlelo zokuvikela zoMkhumbi ne-ISSC: Lengxenye idinga imikhumbi ethile yaseNingizimu Afrika neminye imikhumbi ukuba ibe nezinhlelo zezokuvikela zemikhumbi ezisebenzayo okufanele zimbandakanye izinyathelo zezokuvikela nezenzo okufanele izinyathelo zokuvikela kanye nemisebenzi okufanele yenziwe kwezokuvikela izinga- 1, 2 no 3. IziPhathimanda zezokuvikela zeMikhumbi zasolwandle eNingizimu Afrika (SAMSA) ziyokwengeza ngemininingwane eyengeziwe mayelana nokuqukethwe nendlela yezinhlelo zemikhumbi zokuvikela. Lezinhlelo ziyokwamukelwa yi-SAMSA uma zenele, kanti zingachithwa futhi yoyina u-SAMSA ezimweni ezithile kanti ziyobukezwa ngezikhathi ezithile ukuze zigcinwe zisafanele. Imikhumbi kuyodingeka ibe nama-ISSC ayokhishwa ngemuva kokuqinisekiswa kwe- ISSC. Ingxenye 4 ibeka izidingo eziphathelene nokuthola lezi zitifiketi.
Ingxenye 5 Imikhumbi elawulwa kwamanye amazwe: Lengxenye kudingeka imikhumbi ethile yakwamanye amazwe inikeze imininingwane nezitifiketi I-ISSC ngaphambi kokuba ifike ukuze ikhombise ukuhambisana nemithethonkambiso. Imikhumbi yakwamanye emazwe iphoqelekile futhi ukuba ilandele amazinga ezokuvikela ezikhona. Abasebenzi bemikhumbi yakwamanye amazwe nezinduna zemikhumbi kudingeka ukuba bamukele ukuxoxisana mayelana nezokuvikela kanye nemiyalo ngezokuvikela. Ingxenye- 5 imbandakanya imiyalo yokubhekisisa nokulawula ebhekene nakho imikhumbi yakwamanye amazwe uma kwenzeka kuba khona ukungalandelwa kwemithethonkambiso.
Ingxenye 6 Amandla ezikhulu: Lengxenye ibhekana nezikhulu ezigunyaziwe ezingasebenzisa amandla ngenhloso yoqinisekisa ukulandelwa kwemithethonkambiso noma ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle.
Ingxenye 7-Ukuqoqwa kolwazi: Lengxenye ivumela uMqondisi-Jikelele ukuba akwazi ukuqoqa ulwazi ngokulandelwa noma ukulandelwa kwezokuvikela kulabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle. Ukuqoqwa kolwazi kubalulekile kuMqondisi-Jikelele ukuze abhekane futhi asombulule izinkinga zokulandelwa kwemithethonkambiso ngaphambi kokuba zibe zimbi kakhulu futhi zingaze zibeke ebucayini ezokuvikela.
Ingxenye 8 - Imiyalo yokuphoqwa: Lengxenye inikeza izindlela zokuphoqelela ezimweni lapho kukhona ukwephulwa kwemithethonkambiso noma kusolakala ukwephulwa kwemithethonkambiso.
Nomyalo wokuphoqwa kwemikhumbi.
Lengxenye inika umlawuli oqondene amasu okuphoqa ukulandelwa kwemithethonkambiso. Esikhundleni sokuba noma angaphezulu nokwedlulisela undaba ezikhulwini ezishushisayo. Ukushushiswa kunezidingo eziningi kanti nakuba ukushushiswa kuyikhambi uma kunokwephulwa kwezokuvikela olwandle okubi kakhulu, isisekelo senhloso yomthethonkambiso wezokuvikela olwandle ngukukhuthaza nokugcizelela ukulandelwa kwayo.
Lengxenye iyakwamukela ukuthi kungase kube khona isivumelwano sezokuvikela ezinye okungenzeka senziwe ngaphansi kwe-SOLAS nokubeka ukuphathwa kwalamalungiselelo kuMqondisi-Jikelele. Lengxenye ibuye ivumele amanye amalungiselelo kwezinye izimo.
Ingxenye 10-Okunhlobonhlobo: Lengxenye ibhekane nezindaba ezinhlobonhlobo okumbandakanya amandla kaMqondisi-Jikelele kanye nemali ekhokhwayo.
Lemithethonkambiso ithi uma seyenziwe lemithethonkambiso iyakwaziwa ngeMithethonkambiso yeMikhumbi yeMpahla yokuThengisa (ezokuvikela olwandle) ka- 2004.
ngosuku leMithethonkambiso eyokhishwa ngalo ePhephabhukwini loMbuso iGazethi.
Izigaba eziqala ukusebenza ngosuku eyokhishwa ngalo imithethonkambiso ePhephabhukwini loMbuso iGazethi yilezo ezisungula izincazelo, izinqubo ezahlukene (isibonelo, ukumenyezelwa kwamachweba alawulwa ngezokuvikela ukwamukelwa nokwesulwa kwezinhlelo, ukwamukelwa kwezinto zokuqeqesha, ukuqinisekiswa kwe-ISSC nokufakazelwa), futhi zichaza amandla ezikhulu ezigunyaziwe.
Lokhu kuqala ukusebenza ngezigamu ezimbili kunikeza labo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle ithuba lokuba bazejwayele izibopho futhi balungise izinhlelo zabo ukuze zamukelwe zibe khona ngaphambi kukoba kuqale izibopho nezijeziso ezihambisana nazo.
Lemithethonkambiso ichaza inhloso yaleMithethonkambiso. Inhloso ephambili yaleMithethonkambiso ngukusungula umhlahlandlela wokulawula ozobhekela ezokuthutha zasolwandle ekugxambukeleni okungekho emthethweni. Ikakhulukazi, ngalomhlahlandlela kuhloswe ukuvikela imikhumbi, amachweba nezinto ezisetshenziswa echwebeni ngaphakathi kwemincele yeNingizimu Afrika, nemikhumbi yaseNingizimu Afrika esebenzela kwamanye amazwe ngaphandle kweNingizimu Afrika. Le mithethonkambiso isungula izidingo zokuvikela ezithile zokuqhuba imisebenzi yasolwandle, okudingeka labo bantu abambandakanyekayo kuleyo misebenzi bazigcine lezo zibopho. Isibonelo, umthwalo othile oyisidingo salowo obambe iqhaza embonini yasolwandle ngukulungisa nokulandela uhlelo lwezokuvikela.
Lomthethonkambiso uchaza amagama athile asetshenziswe kuleMithethonkambiso ngaphezu kwalawo achazwe esigabeni 2 soMthetho weMikhumbi yeMpahla yokuThengisa ka 1951. Izincazelo zilandelana ngokulandela uhla lwezinhlamvu kuleMithethonkambiso. Izincazelo zifundeka kahle uma zifundwa nezingxenye ezifanele zemithethonkambiso. Kunezincazelo ezisemqoka ezifakiwe lapha.
Ukumenyezelwa kwezokuvikela kusho isivumelwano phakathi komkhumbi nolunye uhlangothi (umkhumbi noma umuntu) ezikhomba izinyathelo zokuvikela okufanele zisetshenziswe yileyo naleyo ngxenye ezimweni ezibaluliwe.
thwala abantu; noma umkhumbi wempahla esisindo sawo singamathani angama-500 noma ngaphezulu; noma umshini wokubhola ngaphandle kolwandle ohambayo.
Kodwa-ke umkhumbi ungumkhumbi olawulwa kwelinye izwe kuphela uma usemanzini aseNingizimu Afrika futhi usechwebeni noma ususondele echwebeni laseNingizimu Afrika.
i-ISSC kushiwo isitifiketi sezokuVikela soMkhumbi samazwe oMhlaba, lena yincwadi enikwe umsebenzi womkhumbi ngemuva kokuba sekuqinisekisiwe ukuthi umkhumbi uyahlangabezana nezidingo zokuvikela. Abasebenzi bemikhumbi, bemikhumbi elawula kwamanye amazwe bayofaka izicelo ze-ISSC kuSiphathimandla.
Labo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle bachazwe njengabambandakanya abantu okufanele bagcine ezokuphepha zasolwandle njengengxenye yomsebenzi.
Amazinga ezokuvikela olwandle kushiwo amazinga ezokuvikela ngokusho kukaMqondisi-Jikelele ezokwazisa lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ukuthi iziphi izinyathelo ezinhlelweni zabo zezokuvikela okufanele zisetshenziswe ngesikhathi ezithile. Ezokuvikela zasoLwandle izinga 1 kuyosebenza zona ngaphandle uma uMqondisi-Jikelele eyale ngenye indlela.
Uhlelo lwezokuvikela olwandle luchazwe njengohlelo olulungiswe ngenhloso yengxenye- 3. Uhlelo lumbandakanya ukuhlolwa kwezokuvikela kanye nemininingwane yezinyathelo okufanele zisetshenziswe kuwona omathathu amazinga ezokuvikela. Uhlelo lwezokuvikela olwandle yiyona ndlela lowo obambe iqhaza embonini yasolwandle azoyisebenzisa ukuhlahla indlela yokuphathwa kwezingozi nokusetshenziswa kwezinyathelo ezindaweni ababhekene nazo.
Umsebenzi wezinto ezisetshenziswa echwebeni kusho umuntu osebenza izinto ezisetshenziswa echwebeni, okuyindawo engaphakathi kwechweba elilawulwa ngezokuvikela elisetshenziswa lonke noma ingxenye ukulayisha noma ukuthulula umkhumbi.
Umsebenzi wechweba uchazwe njengomuntu oqokwe nguMqondisi -Jikelele ngePhephabhuku loMbuso ukuba abe ngumsebenzi wechweba elilawulwa ngezokuvikela.
uhlelo lwezokuvikela lwalowo obambe iqhaza; noma uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi lomkhumbi osetshenziswa umuntu obambe iqhaza.
Ichweba elilawulwa ngezokuvikela lichazwe njengendawo yamanzi noma umhlaba echazwe kuSixhumelo A okuqondwe ukuba isetshenziswe yonke noma ingxenye mayelana nokuhamba, ukulayishwa ukwethulwa , ukugcinwa noma ukuvikelwa kwemikhumbi elawulwa ngezokuvikela.
Umkhumbi olawulwa ngezokuvikela kumbandakanywa nomkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika nemkhumbi olawulwa kwamanye amazwe angaphansi komhlahlandlela wezokuvikela okukhulunywa ngawo kuleMithethonkambiso.
Umsebenzi womkhumbi kushiwo umnikazi womkhumbi olawulwa ngezokuvikela, noma umuntu onesivumelwano nomnikazi womkhubi olawulwa ngezokuvikela sokuba abe ngumsebenzi womkhumbi ngenhloso yalemithethinkambiso, njengesibonelo inkampani ephethe umkhumbi noma umsebenzi wezikebhe.
imininingwane yokubizwa komkhumbi kwesikhathi esedlule okuyishumi kanye namazinga ezokuvikela.
umshini wokubhola ohambayo osemanzini aseNingizimu Afrika isikebhe esimile noma esitatayo esisemanzini aseNingizimu Afrika.
Lemithethonkambiso iyasho ukuthi leMithethonkambiso ayisebenzi emikhunjini yezempi, nezinsiza zomkhumbi wezempi, neminye imikhumbi okungekaHulumeni noma esetshenziswa nguHulumeni noma uMbuso welinye izwe futhi engasetshenziselwa ezohwebo noma umkhumbi ongancikile ku-SOLAS.
LeMithethonkambiso ayisebenzi futhi emachwebeni noma izinto ezisetshenziswa echwebeni ezisetshenziswa kuphela nguMbutho wezokuVikela kaZwelonke waseNingizimu Afrika.
Isahluko 5: Incazelo ngokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha solwandle.
LeMithethonkambiso ichaza igama ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle. Leligama liyisisekelo sokusetshenziswa nokuqondwa kwalemithethonkambiso kanye nenhloso yawo. Ichaza uhlobo lwezenzo ezingukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle kanye nohlobo lwezenzo ezibhekelwe/ eziqashwe yilomthethonkambiso.
Lemithethonkambiso ichaza igama ichweba njengendawo yamanzi, noma umhlaba namanzi (kumbandakanywa noma yisiphi isakhiwo, okufakiwe noma impahla etholakala noma ekulowo mhlaba noma amanzi) okuqondwe ukuba isetshenziselwe yonke noma ingxenye yayo ukuhambisa, ukulayisha noma ukwethula, ukunakekela noma ukulungiselela imikhumbi.
indawo yamanzi etholakala phakathi komhlaba wechweba namanzi avulekile angaphandle kwechweba okuhloswe ukuba asetshenziswe imikhumbi uma ilayisha, ithulula noma ngeminye imisebenzi okufanele yenziwe emhlabeni, lokhu kumbandakanye imihume nezinye izindlela zokufinyelela ezingasetshenziswa imikhumbi ukuze isondele osebeni lwamanzi.
Indawo yamanzi evikelekile phakathi nendawo yamanzi echazwe esigabeni (a) no (b) izibonelo, indawo efana nomgwaqo lapho imikhumbi ilayisha noma ithula impahla noma abagibeli abalethwe.
Lencazelo isetshenziswe ukuze icacise ngokugcwele incazelo kanye nenhloso yegama izinto ezisetshenziswa echwebeni njengoba isetshenzisiwe esahlukweni IX- 2 se-SOLAS. Esahlukweni IX-2 incazelo yezinto ezisetshenziswa olwandle ikhuluma ngendawo lapho umkhumbi nechweba kuhlangana khona kunesikhungo esilawula noma esinomthwalo wokuhlanganisa. Lencazelo ikhuluma ngendawo lapho kuhlangana khona nqgo umkhumbi nechweba kanye nokunye ukuhlangana, izindawo zokulinda emkhunjini nangasolwandle.
Lomthethonkambiso ulungiselela ukumenyezelwa kwendawo yechweba ezokhwakha ichweba elilawulwa ngezokuvikela. Amachweba alawulwa ngezokuvikela yilawo machweba ahlangana nqgo noma ngokungaqondene nemikhumbi elawulwa ngezokuvikela. Imincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela liyochazwa kusiXhumelo- 1. Lemincele ichaza indawo lapho izibopho zalabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle ngaphansi kwaleMithethonkambiso ukuqala nokugcina.
Ichweba elilawulwa ngezokuvikela limbandakanya imisebenzi yomsebenzi wegcweba, umsebenzi wechweba oyedwa noma abaningi nalabo abanikeza usizo echwebeni. Ngokwenhloso yaloMthethonkambiso , izinto zasechwebeni azinayo incazelo efanayo naleyo enikezwe kuSahluko IX - 2 se-SOLAS . Kule Mithethonkambiso, izinto zasechwebeni kuyoba yilezo ndawo lapho imikhumbi ihlangana khona ngqo noma ngenye indlela, kumbandakanywa isikhumulo sezinto zokuphatha, isikhumulo sezinto eziyisamba, isikhumulo sabagibeli, izinto ezivame ukusetshenziswa kanye nabanye abanikeza usizo echwebeni abangena ngaphansi kwencazelo yalabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle abalawulwa ngaphansi kwalemithethonkambiso.
Le mithethonkambiso ithi uMqondisi-Jikelele angaqoka umuntu ozoba ngumsebenzi wechweba wechweba elilawulwa ngezokuvikela. Umsebenzi wechweba kufanele akwazi ukuthi kungumthwalo waleyo ndawo yamanzi ethintekayo noma indawo ehlongozwa noma ichweba elulawulwa ngezokuvikela elisunguliwe, isibonelo ukuhamba kwemikhumbi nokuphathwa kwezingqalasizinda zechweba.
Umuntu oqokwe njengomsebenzi wechweba uyakuba yilowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle onomthwalo wokuqiniseka ukuthi kuyahlangatshezwana nezibopho eziqondene zaloMthethonkambiso.
UMqondisi-Jikelele kudingeka alandele inqubo ethile uma eqoka umuntu ozoba ngumsebenzi wechweba , isibonelo ikhono lomuntu lokwenza imisebenzi ethile yomsebenzi wechweba ubunjalo nokusebenza kwechweba, kanye nemibono yomuntu noma abantu ezabhekene nokuphathwa nokusebenza kwechweba.
Lemithethonkambiso uchaza igama umkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika futhi icacisa izinhlobo zemikhumbi ezimbandakanywe kumhlahlandlela wokulawulwa osungulwe yiloMthethonkambiso. Imikhumbi elawulwa ngezokuvikela imbandakanya imikhumbi elawulwa eNingizimu Afrika kanye nemikhumbi elawulwa kwamanye amazwe.
c izindawo zokuwela ezakhelwe noma ezitatayo ezitholakala emanzini ezwekazi leNginizimu Afrika.
Imikhumbi kahulumeni esohambeni lokuthengiselana nayo iyambandakanyeka uma ingena kuloluhlobo lwemikhumbi olubhalwe ngenhla.
Qaphela ukuthi izinhlobo (b) no (c) zimbandakanya "nemikhumbi" engangeni ngaphansi kwesahluko IX-2 ye SOLAS. "Lemikhumbi" imbandakanywe ukuze kwandise futhi kwenziwe ngcono ezokuphepha zemikhumbi kwezokusebenza kwasolwandle endaweni yeNingizimu Afrika.
futhi esemanzini aseNingizimu Afrika noma ehlose ukungena echwebeni laseNingizimu Afrika.
Imikhumbi kahulumeni wakwelinye izwe esohambweni lwezokuthengisela iyambandakanyeka nayo uma ingena kulezi zinhlobo ezibalwe ngenhla.
Lesi sahluko sivumela umuntu ukuba axolelwe uma enze icala uma lowo muntu enza isenzo esingamenza athokalake enze icala.
Lomthethonkambiso uthi ukuxolelwa kungasebenza uma bekudingekile futhi kubalulekile ukuba induna yomkhumbi ithathe izinyathelo zokuvikela noma ukuphepha komkhumbi noma umthwalo wawo, noma umuntu ongaphandle noma ophakathi emkhunjini, komunye umkhumbi noma ichweba noma izinto ezakhiwe khona echwebeni.
Lomthethonkambisa uvumela ukuba ukuxolelwa kusebenza lapho kudingeka ukuba umuntu enze okuthile mayelana nomyalo wezokuvikela obekungathathwa njenecala noma ukwephula komthethonkambiso noma uMthetho wezokuThengiselana wezeMikhumbi ka -1951. Isibonelo, kunganikezwa umyalo wezokuvikela odinga umsebenzi wechweba ukuba enze okuthile okuphikisana nezinyathelo ezithile ezimiswe ohlakeni lwezokuphepha komunye wemikhumbi yabo, uma umsebenzi wemkhumbi ekugcina lokho okushiwo yilowo myalo, kuyothathwa ngokuthi akezanga icala lokulandela lokho okushiwo uhlaka.
LoMthethonkambiso uthi, uma umuntu kudingeka anikeze isaziso noma umyalo kumsebeni womkhumbi, lowo muntu anganika leso saziso noma umyalo kusithunywa somkhumbi. Lokhu okushiwo lapha kuyayamukela inqubo yale mboni yokuxoxisana nabasebenzi bomkhumbi noma izinduna zomkhumbi ngomlomo wezithunywa zomkhumbi.
Kuyosebenza uhlobo lwamazinga amathathu ezokuvikela olwandle ngokuhambisana nesivumelwano sezemvelo esijwayelekile, ekhombisa indlela kulabo ababambe iqhaza kwezasolwandle ngezinyathelo zezokuvikela okufanele zisetshenziswe. Labo ababambe iqhaza kwezokuvikela kuyodingeka ukuba ezinhlelweni zabo zokuvikela (izinhlelo okukhulunywa ngazo engxenyeni -3 yale mithethonkambiso) ukuba bafake ulwazi ngezinyathelo ezingasetshenziswa kulelo nalelo zinga futhi kufanele basebenzise lezo zinyathelo. UMqondisi-Jikelele naye ngezinye isikhathi angamisa imiyalo yezokuvikela okufanele isetshenziswe.
Lo mthethonkambiso uthi ezokuvikela olwandle izinga elingekho ngezokuvikela olwandle izinga 1.
ichweba elilawulwa ngezokuvikela umkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika indawo esechwebeni elilawulwa ngezokuvikela; kanye nalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle.
Lomthethonkambiso uthi uma kunezizathu zokuba kukhushulwe ezokuvikela amazinga 2 no 3, uMqondisi-Jikelele uyomemezela lokhu ngokubhaliwe. Lesi simemezelo singasebenza kwelilodwa noma amachweba alawulwa ngezokuvikela amaningi, imikhumbi elawulwa ngezokuvikela yaseNingizimu Afrika, izindawo ezingaphakathi kwechweba elilawulwa ngezokuvikela, lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle, noma imisebenzi ephathelene namachweba alawulwa ngezokuvikela noma amachweba.
UMqondisi-Jikelele angakhipha isimemezelo esibhaliwe futhi sokuthi kusebenze ezokuvikela olwandle izinga 2 no 3 emkhunjini olawulwa kwelinye izwe. Ukuze kucaciswe lokhu akusho ukuthi uma umkhumbi wezokuvikela olawulwa kwelinye izwe usebenzisa ezokuvikela ezisezingeni eliphezulu kunalelo lomsebenzi wechweba noma osebenzisa izinto zasechwebeni, noma imuphi kulabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle uyophoqeleka ukuhlangabezana nalelo zinga lezokuvikela lomkhumbi olawulwa kwelinye izwe. Isimemezelo sezokuvikela siyodingeka ezimweni ezinjalo.
Umthethonkambiso uyakubeka ukuthi uMqondisi-Jikelele kufanele akhiphe isimemezelo sezokuvikela olwandle izinga 2 no 3 kuphela uma ngabe kukhona ubungozi noma ubucayi obukhulu futhi kufanele kwandiswe ukusetshenziswa kwezokuvikela kulelo chweba, umkhumbi, indawo (engaphakathi kwechweba elilawulwa ngezokuvikela) izinto ezisetshenziswa echwebeni noma lowo obambe iqhaza othintekayo.
Lomthethonkambiso uyasho ukuthi isimemezelo sezinga lezokuvikela siyohlala sisebenza kulelo chweba, umkhumbi, indawo noma lowo obambe iqhaza othintekayo kuze kuphele leso sikhathi esiyomiswa nguMqondisi-Jikelele, noma kuze isimemezelo sichithwe ngokubhalwe nguyena uMqondisi-Jikelele.
Lomthethonkambiso uthi uma uMqondisi-Jikelele ekhipha isimemezelo sechweba elilawulwa ngezokuvikela, leso simemezelo sisebenza kuleyo naleyo ndawo noma umkhumbi olawulwa ngezokuvikela noma imuphi umsebenzi owenziwa yilowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ngaphakathi kwemincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela.
Lomthethonkambiso uyasho ukuthi, uma kusebenza ezokuvikela olwandle izinga- 2 noma- 3, noma ngumuphi obambe iqhaza embonini yezasolwandle, indawo, ichweba, izinto ezisetshenziswa echwebeni nokusebenza kwalowo obambe iqhaza okuthintekayo kufanele kugcinwe izinyathelo ezibekwe kullo hlelo lwezokuvikela lwalowo othintekayo, indawo noma umsebenzi. Umthethonkambiso- 37 uthi kuyicala uma lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ehluleka ukulandela uhlelo lwakhe lwezokuvikela.
Lomthethonkambiso uthi, uma kukhishwe umyalo wezokuvikela, leso sikhungo okubhekiswe kuso umyalo kufanele silandele lokho okushiwo ngumayalo, kodwa zonke ezinye izinyathelo ezikhona zezinga lezokuvikela zihlala zisebenza . Isibonelo, uma kusebenza ezokuvikela olwandle izinga 2 izinyathelo zihlala zisebenza kanti futhi kufanele kulandelwe imiyalo yezokuvikela ethile. Uma kukhona ukuqgubuzana phakathi kwezokuvikela zasolwandle izinga 2 nomyalo wezokuvikela , umyalo wezokuvikela yiwona oyohamba phambili.
Lomthethonkambiso uchaza indlela okudingeka ngayo ukuba uMqondisi-Jikelele axoxisana nabasebenzi bechweba abathintekayo nalabo ababambe iqhaza ngokuthi sekukhishwe isimemezelo sezokuvikela olwandle izinga -2 no- 3.
UMqondisi-Jikelele kufanele azise abasebenzi bechweba kanye nalabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle ngohlelo lwezokuvikela olwandle olusebenzisa umyalo ngokushesha.
lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle okusebenza kuyo uhlelo lomsebenzi wechweba, noma osebenza ngaphakathi kwemincele yechweba isibonelo umsebenzi wedophi noma umshayeli; kanye nenduna yalowo nalowo mkhumbi olawulwa ngezokuvikela ongaphakathi kulelo chweba noma osuzongena kulelo chweba. Lokhu kuyokwenzeka uma umkhumbi olawula ngezokuvikela eqinisekisa kumsebenzi wechweba ukuthi efisa ukungena echwebeni.
Ukwahluleka ukudlulisa isaziso ngezinga kuyicala okuyothi uma likulahliwe ukhokhiswe inhlawulo (eyi-R20 000) noma ukuvalela ejele izikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12 noma kokubili. Lelicala ngke lenzeka uma umsebenzi wechweba enesizathu esizwakalayo.
Ukuxoxisana noma ukwalulekana ngezinga lezokuvikela kubalulekile kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi bonke labo ababambe iqhaza kulemboni yezasolwandle abasebenza echwebeni kanye nemokhumbi engena noma esizongena echwebeni iyayisebenzisa noma iyazithatha isinyathelo ezihambisana nezinga lezokuvikela. Izinga lokuvikela elisetshenziswayo liyokhombisa ubungozi obubhekene nalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle njengoba kubekiwe ohlelweni lwalowo nalowo obambe iqhaza. Uma oyedwa noma abaningi ababambe iqhaza bengaziswanga ngokushintsha kwezinga lezokuvikela, ichweba ngeze lavikeleka ngokwanele.
Lomthethonkambiso uthi uma kwenziwa isimemezelo sezinga lezokuvikela olwandle somkhumbi olawulwa ngezokuvikela, uMqondisi-Jikelele kufanele azise umsebenzi womkhumbi walowo mkhumbi okufanele adlulisele leso saziso kwinduna noma kwinduna yomkhumbi ngqo. Ukwahluleka ukudlulisa isaziso ngezinga kuyicala okungathi uma likulahla uhlawulise imali enga-R20 000 noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12 noma kokubili . Lelicala alisebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Lomthethonkambiso uthi, uma uMqondisi -Jikele aluleka umuntu ukuthi kusebenza ezokuvikela olwandle izinga- 2 no -3 nokuthi isimemezelo sichithiwe, kufanele ngokushesha azise lowo muntu ngokuchithwa.
Ngokufanayo, uma umsebenzi womkhumbi noma wechweba azise umuntu ukuthi kusebenza ezokuvikela ingxenye- 2 no -3 bese uMqondisi-jikelele echitha leso simemezelo, umsebenzi wechweba noma womkhumbi kufanele ngokushesha aluleke lowo muntu ngokuchithwa. Ukwahluleka ukudlulisa isaziso ngezinga kuyicala okungathi uma likulahla uhlawulise imali enga-R20 000 noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12 noma kokubili . Lelicala alisebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Uma ngabe kuchithwa isimemezelo sezinga lezokuvikela sazolwandle, imigudu yokuxoxisana eyanele ibalulekile ngoba lowo obambe iqhaza kwezokuvikela akufanele asebenzise uhlelo lwezokuvikela olungahambisani nobungozi okubhekwene nabo ngaleso sikhathi.
LoMthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele angakhipha umyalo ukuba kwengezwe ezokuvikela noma zigcinwe. Leyo miyalo yaziwa njengemiyalo yezokuvikela kanti kufanele ibhalwe phansi ngaphambi kokuba iqale ukusebenza. UMqondisi-Jikelele angakhipha imiyalo yokuvikela kuphela uma kunesizathu esenza akholwe ukuthi kuzokuba nokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle okungenzeka noma okuhlongozwayo nokuthi kuthathwe isinyathelo esithile ukuze kuvinjelwe lokho kugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle kungenzeki. Imiyalo yezokuvikela yengeza phezu kwezinyathelo okufanele lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle azigcine ngokuhambisana nohlelo olwamukelwe.
Lomthethonkambiso uthi imiyalo yezokuvikela ingambandakanya nezidingo zokuba kugcinwe izimfihlo. Ngalokhu kuqondwe ukuba kugcinwe ukusebenza ngempumelelo kwezinyathelo zokuvikela ezingahle zibe sebucayini uma labo abahlose ukugxambukela kwezokuvikela zasolwandle beyazi imininingwane yazo. Uma umuntu azisiwe noma elulekiwe ngezidingo zokugcina izimfihlo uba nomthwalo wokuvikela okuqukethwe imiyalo yezokuvikela ukuba kungadalulwa ngaphandle kokugunywazwa.
Lomthethonkambiso ubala abantu abanganikwa imiyalo yezokuvikela. Lapha kumbandakanywa labo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle kanye nabasebenzi babo, abagibeli, abantu abatholakala ngaphakathi kwemincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela. Uma uMqondisi-Jikelele ekhipha imiyalo yezokuvikela kubagibeli nabantu ngaphandle kwalabo ababambe iqhaza embonini umyalo kufanele ubekwe endaweni lapho uzogcinwa khona.
Umyalo wezokuvikela onikwe umsebenzi wechweba ungayala lowo msebenzi wechweba ukuba azise noma axoxisane nabanye ngomyalo nalabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle abasebenza ngaphakathi kwechweba elilawulwa ngezokuvikela. Ukwahluleka ukudlulisa isaziso ngezinga kuyicala okungathi uma likulahla uhlawulise imali enga-R20 000 noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12 noma kokubili. Lelicala alisebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Lomthethonkambiso uthi umyalo wezokuvikela unganikwa umkhumbi olawulwa ngezokuvikela , ngokunikezwa umsebenzi womkhumbi osebenza kulowo mkhumbi noma ongadlulisela kwinduna ngqo. Ukwahluleka ukudlulisa isaziso ngezinga kuyicala okungathi uma likulahla uhlawulise imali enga-R20 000 noma ukuvalelwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyi-12 noma kokubili . Lelicala alisebenzi uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Ngokujwayelekile, kulindelekile ukuthi ngoba imiyalo yezokuvikela iyindlela yokubhekana nesimo esiyingozi kuyodingeka ibe khona ngokushesha. Kwamukelekile ukuthi imboni yezokuthutha zasolwandle kungadingeka ngokuvamile ukuba ibe nezinyathelo. Lomthethonkambiso uthi umyalo wezokuvikela uqala ukusebenza ngesikhathi esibalulwe kulowo myalo, nakuba uma singabalulwanga isikhathi, isikhathi esishiwoyo kuyakuba isikhathi esingaphambi kukokhishwa komyalo, umyalo uyoqala ukusebenza amahoreni anga-24 ngemuva kokuba ukhisiwe. Ngaphezulu, kwalokhu uma isikhathi esibaluliwe kuyizinsuku eziyi-7 noma ngaphezulu ngemuva kokukhishwa komyalo, umyalo uyoqala ukusebenza ekuqaleni kwalolo suku.
Imiyalo yezokuvikela ihlala isebenza kuze kube iyasulwa nguMqondisi-Jikelele noma uma ngabe imiyalo isebenze kwaze kwaphela izinyanga ezintathu. Lokhu kuqinisekisa ukuthi imiyalo yezokuvikela isebenza ngesikhathi nasesimweni edingeka kuso. Noma iyiphi ingozi kwezokuthutha zasolwandle edinga ukuba kwengezwe ezokuvikela eba khona isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu kuyodingeka ukuba kubhekwane nayo ngokushitsha izinhlelo zezokuvikela olwandle.
Lomthethonkambiso uthi umyalo wezokuvikela kufanele uchithwe uma ukugxambukela ngokungekho emthethweni okwakuholele ekumisweni kwalowo myalo kungasekho noma kungeke kusenzeka. uMqondisi-Jikelele kufanele azise lowo muntu okwakubhekiswe kuyena umyalo lowo ngokuchithwa noma ukwesulwa. Lapho umyalo ububekwe endaweni ethile ukuze ubonakale, isibonelo ubekelwe abagibeli noma abanye abantu, lowo myalo obubekiwe kufanele ususwe.
Lomthethonkambiso uthi kuyicala ukungalandeli umyalo wezokuvikela osebenzayo nonikwe umuntu.
Lomthethonkambiso uthi kuyicala ukwahluleka ukugcina izidingo zokugcina izimfihlo ezimiswe ngumyalo wezokuvikela.
Isijeziso: Inhlawulo (R20 000) noma izinyanga eziyi-12, noma kokubili.
umsebenzi wechweba; kanye nomsebenzi wezinto ezisetshenziswa echwebeni.
Isahluko- 6 seNgxenye -1 sikhuluma ngokukhonjwa kwabasebenzi bechweba bamachweba alawulwa ngezokuvikela. Abasebenzisa izinto ezisetshenziswa echwbeni okudingeka babe nohlelo lwezokuvikela olwandle yilabo basebenzi bezinto ezisetshenziswa olwandle abatholakala echwebeni elilawulwa ngezokuvikela.
Lomthethonkambiso uthi kuyicala ukuba lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle asebenze ngaphandle kohlelo lwezokuvikela olwandle oludingekayo.
Isijeziso: Inhlawulo (R20 000) noma izinyanga eziyi-12, noma kokubili.
Inhloso yohlelo lwezokuvikela olwandle kuyokuba ngokubeka kabanzi ngezinyathelo okufanele lowo obambe iqhaza embonini yasolwandle azisebenzise kunoma iliphi izinga lezokuvikela. Ukuze avimbele ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle , lowo obambe iqhaza kufanele aqiniseke ukuthi zonke izinyathelo ezibekwe kulolohlelo ziyasetshenziswa. Ukwahluleka ukulandlea uhlelo lwezokuvikela lwasolwandle kungaveza ithuba lokugxambukela okungekho emthethweni.
Ngakho-ke, lomthethonkambiso ukwenza kube yicala kulowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ukwahluleka ukulandlea uhlelo olusebenzayo.
Umthethonambiso -38 Ukulandela izinhlelo zokuvikela olwandle zabanye abambe iqhaza.
Lomthethonkambiso uthi lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle akufanele aphazamise noma avimbele ukulandelwa kohlelo lwezokuvikela lomunye obambe iqhaza embonini yezasolwandle. Isibonelo, obambe iqhaza embonini (okungadingekile ukuba abe nehlelo lwezokuvikela olwamukulwe) kufanele athathe izinyathelo ezilindelekile ukuba alandele inqubo yezokuvikela yomsebenzi wezinto zasechwebeni uma esebenza emagcekeni echweba.
Obambe iqhaza embonini yezasolwandle onohlelo lwezokuvikela olusebenzayo kufanele anikwe ingxenye efanele yohlelo lomunye obambe iqhaza embonini yezokuvikela okudingeka ayilandele, kudingeka ukuba avume , ngokubhaliwe, ukuthi imisebenzi yakhe izokwenziwa yilona omunye obambe iqhaza embonini yezasolwandle. Lokhu kuhloswe ngakho ukuba kwakhiwe amarekhodi olwazi ngamalungiselelo kanye nezibopho ezihambisana nayo kulowo nalowo obambe iqhaza.
Uma lowo obambe iqhaza kwezokuvikela onohlelo lwezokuvikela olusebenzayo evimbela ukulandelwa kohlelo lomunye obambe iqhaza , akenzi icala kodwa angaphoqwa ukuba ayeke ukuvimbela . Inhloso ukuba lowo obambe iqhaza ayeke ukwenza leyonto ephazamisa lona omunye ukuba alandele uhlelo.
Lomthethonkambiso uthi ukusebenza komkhumbi waseNingizimu Afrika akufanele kugxambukele noma kuvimbele ukulandelwa kohlelo lwezokuvikela lwasolwandle. Uma umsebenzi ukuvimbela ukulandela umsebenzi womkhumbi noma induna anganikwa umyalo wokuphoqwa.
Lomthethonkambiso uthi ingxenye ephambili yohlelo lwezokuvikela lwasolwandle lungukuhlola ezokuvikela zomsebenzi walowo obambe iqhaza. Inhloso yokuhlolwa kwezokuvikela ngukuqinisekisa ukuthi indlela yobungozi nenqubo yokuhlaziya zenziwe ngendlela yokungase kube imiphumela yokungase kube ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle.
Uhlelo lwezokuvikela okufanele luthuthukiswe esisekelweni sokuhlolwa luyobeka izinyathelo zezokuvikela ezizosetshenziswa emazingeni -1, 2 no -3 ezokuvikela olwandle . Lezi zinyathelo zizokwesekelwa ngokuhlolwa kwezokuvikela futhi zizobhekana nesimo somuntu ngamunye nezidingo zomsebenzi walabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle.
Uhlelo kufanele lukhombise ukuthi ukusetshenziswa kuyoba nomthelela ekuncishisweni kobungozi bokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle. Ikakhulukazi, uhlelo lwezokuvikela kufanele lunikeze nemniningwane yesikhulu sezokuvikela salowo obambe iqhaza futhi senze namalungiselelo esimemezelo sokuvikela. Isimemezelo sokuvikela singadingeka ezimweni ezithile, njengokufika komkhumbi olwandle uma umkhumbi usebenzisa ezinga eliphezulu lezokuvikela olwandle.
Ukuhlolwa kwezokuvikela kufanele kubheke izibopho okukhulunywa ngazo kuMgomo we-ISPS. Ngaphezu kwalokho, uMqondisi -Jikelele angayala lowo obambe iqhaza embonini yezasolwnadle ukuba abheke izincwadi ezithile uma egcwalisa ukuhlolwa kwezokuvikela, isibonelo, ukwesatshiswa, kanye nemininingwane yezokuvikela. UMqondisi-Jikelele angayala ukuba ukuhlolwa kwezokuvikela kubheke nezinye izindaba, isibonelo, izidingo eziyisisekele kanye nezindaba ezisemqoka okufanele zithintwe ekuhlolweni kwezokuvikela.
UMqondisi-Jikelele uyokhipha amabhuku angumhlahlandlela ukuze asize lowo obambe iqhaza embonini ekulungiseni uhlelo lwezokuvikela lwasolwandle okufanele zibhekisiswe uma kulungiswa uhlelo.
Lomthethonkambiso uthi uMqondisi Jikelele angayala ngezindaba ezithile okufanele zibhekisiswe ohlelweni lwezokuvikela lwasolwandle, kuzo zonke izinhlelo noma izinhlelo zohlobo oluthile zalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle, noma izinhlelo zohlobo oluthile lwalabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle. Isibonelo, kungamiswa izidingo zezokuvikela ezahlukene zabasebenzi bezinto zasolwandle zokulusaketshezi okuyisamba kanye nezikhumulo zezikotshela.
UMqondisi-Jikelele kudingeka abheke izibopho okukhulunywa ngazo kuSahluko IX-2 we- SOLAS kanye noMgomo we-ISPS uma emisa izindaba ezithile okufanele zibhekwe kuhlelo lwezokuvikela lwasolwandle.
Lomthethonkambiso uthi uhlelo lwezokuvikela lwasolwandle lubhalwe futhi lulungiswe ngokulandela izidingo ezimiswe nguMqondisi-Jikelele.
Isigabe 4- Ukwamukela, ukubukeza nokwesula kohlelo lwezokuvikela olwandle.
Lomthethonkambiso uthi lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ofisa ukusebenzisa uhlelo lwezokuvikela lwasolwandle angathumela uhlelo kuMqondisi-Jikelele ukuze luyokwamukela. Lesi sigaba sikhombisa inqubo okufanele ilandelwe yilowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle osebenza ngaphakathi kwechweba elilawulwa ngezokuvikela futhi okudingeka asebenzise uhlelo lwezokuvikela.
Lomthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele uyokwamukela uhlelo ngokubhaliwe uma anelisiwe ukuthi uhlelo luyabhekana nezidingo ezifanele okukhulunywa ngazo esigabeni- 3. Uma uMqondisi-Jikelele enganelisiwe kufanele anqabe noma achithe lolo hlelo futhi abhale anike izizathu zokuchithwa kwalolo hlelo.
UMqondisi-Jikelele kuyothathwa ngokuthi walile ukwamukela uhlelo uma lowo obambe iqhaza enike uMqondisi-Jikelele uhlelo bese kuthi uMqondisi-Jikelele anganikezi isaziso esibhaliwe sokwamukelwa, noma ukwenqatshwa zingakapheli izinsuku ezingama-90 ngemuva kokuthunyelwa kohlelo. Lowo obambe iqhaza angacela ukuba kubukezwe leso sinqumo sokwenqatshwa kohlelo.
LoMthethonkambiso uthi uhlelo luqala ukusebenza (umsebenzi uqala ukusebenzisa uhlelo nokuphoqelela ukulandelwa) ngesikhathi esibalulwe kusaziso sokukwamukelwa. Uma isikhathi esibalulwe kusaziso singaphambi kwesikhathi okunikwe ngaso isaziso noma uma isaziso singabeki isikhathi, uhlelo luthathwa ngokuthi luqala ukusebenza ngaleso sikhathi okukhishwe ngaso isaziso.
Uhlelo luhlala lusebenza kuze kube uMqondisi-Jikelele ufaka olunye esikhundleni salo noma ukwamukelwa nohlelo kuchithwa.
Lo mthethonkambiso ukhombisa ukuthi ezimweni ezishitshayo, uMqondisi-Jikelele angayala lowo obambe iqhaza ukuba aguqule okuthile ohlelweni. uMqondisi-Jikelele anganika isaziso esibhaliwe eyala ukuba kuguqulwe lapho enganelisekile ukuthi uhlelo lwanele ukufeza inhloso yesigaba -3. Lokho kuguqulwa kufanele kubhekane nezidingo ngaphansi kwesigaba- 3. Isaziso kufanele sisho lokho okufanele kuguqulwe nesikhathi okuyofanele lowo obambe iqhaza anike uMqondisi-Jikelele uhlelo oseluguquliwe. Uma lowo obambe iqhaza enganiki uMqondisi-Jikelele uhlelo oseluguquliwe singakapheli isikhathi esinqunyiwe, noma singakapheli isikhathi esengeziwe, uMqondisi-Jikelele kufanele asule ukwamukelwa kwalolo hlelo.
Lomthethonkambiso uthi lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle anganikeza futhi uhlelo olubukeziwe kuMqondisi-Jikelele ukuze lwamukelwe ngokuzenzela. Uma lowo obambe iqhaza efisa ukubukeza uhlelo, inqubo yokwamukelwa kuyakusebenza inqubo echazwe kumthethonkambiso -44. Uma selwamukeliwe uhlelo olubukeziwe lungena esikhundleni sazo zonke ezinye izinhlelo zalowo obambe iqhaza.
Lomthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele angayala ngokubhaliwe labo ababambe iqhaza ukuba babukeze uhlelo (bese bethumela uhlelo olubukeziwe ukuba lwamukelwe) uma ekholwa ukuthi uhlelo alusabhekeli ngokwanele izidingo ngokwesigaba -3. Umyalo wokubukeza kufanele usho nesikhathi okufanele lowo obambe iqhaza anikeze ngaso uMqondisi-Jikelele uhlelo oselubukeziwe. Uma lowo obambe iqhaza ehluleka ukunika uMqondisi-Jikelele uhlelo olubuyekeziswe singapheli isikhathi esinqunyiwe, noma esinye isikhathi esingengezwa nguMqondisi-Jikelele, uMqondisi-Jikelele kufanele asule ukwamukela kohlelo ngokubhaliwe. Lesi sigaba sikhombisa izidingo sokuba nohlelo lezokuvikela oluhlangabezana nezidingo zezokuvikela ngesikhathi sokusebenza kohlelo.
Lomthethonkambiso udinga ukuba uhlelo lubukezwe njalo eminyakeni emihlanu, ngaphandle uma uMqondisi-Jikelele amukele uhlelo olubukeziwe lwalowo obambe iqhaza kuleso sikhathi. Uma lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle engathumeli uhlelo olubuyekeziwe ukuze luzokwamukelwa (ngokulandela inqubo esunguliwe) uma uhlelo olusebenzayo selube khona iminyaka emihlanu, ukwamukelwa kwalolo hlelo olusebenzayo kuyazisulekela ngokwakho.
Lomthethonkambiso uthi lungasulwa uhlelo uma uMqondisi-Jikelele ekholwa ukuthi lolo hlelo alusabhekani ngokwanele nezidingo ngokusho kwesigaba- 3 nokuthi ngeke kwanele ukuyal ukuba luguqulwe nom alubuyekezwe lolohlelo. UMqondisi-Jikelele kufanele asule lolo hlelo ngokubhaliwe.
Lo mthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele angasula ukwamukelwa kohlelo uma lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ehluleka ukulandela uhlelo.
Kulindelekile ukuthi lamandla angasetshenziswa kuphela lapho izinyathelo esithambile njengokunika umyalo wokuphoqwa ukulungisa ukungalandelwa zingakalandelwanga.
Lo mthethonkambiso uthi lowo obambe iqhaza embonini yezosolwandle angacela uMqondisi-Jikelele ngokubhaliwe ukuba asule ukwamukelwa kohlelo lwakhe.
Lomthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele angamukela ukuqeqeshwa kwezikhulu zokuvikela nabanye abasebenzi abaqokwe ukuba benze umsebenzi wezokuvikela. UMqondisi-Jikelele angamukela futhi ukusetshenziswa kwezinto ezithile emachwebeni alawulwa ngezokuvikela.
UMqondisi-Jikelele kufanele abheke isibopho okukhulunywa ngazo eSahlukweni X-2 noMgomo we-ISOS uma amukela.
Ukudinga ukuba kube noqeqesho oluthile nokuthi kwamukelwe izinto zokusebenza kuyoqinisekisa ukugcinwa amazinga afanayo mayelana nomsebenzi wezokuvikela.
Lengxenye ikhuluma ngezidingo zemikhumbi elawulwa eNingizimu Afrika ukuba ibe nezinhlelo zokuvikela zemikhumbi kanye nezitifiketi zezokuvikela zemikhumbi yakwamanye amazwe (ISSC). Izibopho zemikhumbi yakwamanye amazwe kukhulunywa ngayo eNgxenyeni -5.
Lomthethonkambiso wenza kube yicala uma umsebenzi womkhumbi esebenzisa umkhumbi ngaphandle kohlelo lomkhumbi wezokuvikela olawulwa eNingizimu Afrika , ngaphandle uma lowo msebenzi enesizathu esizwakalayo.
Lomthethonkambiso wenza kube yicala ukuba umsebenzi womkhumbi osebenza echwebeni elilawulwa eNingizimu Afrika asebenze ngokungalandeli uhlelo , ngaphandle uma lowo msebenzi enesizathu esizwakalayo.
Isijeziso: Inhlawulo (R20 000), noma izinyanga eziyi-12 noma kokubili.
Lomthethonkambiso kuqondwe ngawo ukuvimbela abasebenzi bemikhumbi elawulwa eNingizimu Afrika ukuba bangagxambukeli ekulandelweni kohlelo lwezokuvikela lomkhumbi lomunye umkhumbi. Uma lokhu kuvimbeleka kwenzeka, kungafunwa umyalo wokuphoqwa ukuze kuphoqwe umsebenzi walona omunye umkhumbi noma induna yomkhumbi ovimbelayo.
Lomthethonkambiso kuqondwe ngawo ukuvimbela umsebenzi walowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ukuba angagxambukeli ekulandelweni uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi. Uma lokhu kuvimbeleka kwenzeka lowo obambe iqhaza anganikwa umyalo wokuphoqwa.
Lomthethonkambiso uthi uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi lungambandakanya ukuhlolwa kwezokuvikela. Inhloso yokuhlolwa kwezokuvikela ngukuqinisekisa ubungozi nenqubo yokuhlaziywa kwesenzo ngemiphumela yokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle.
Uhlelo luyabeka imisebenzi yezokuvikela noma izinyathelo okufanele zithathwe noma zisetshenziswe kwezokuvikela zasolwandle amazinga- 1,2 no- 3. Lemisebenzi noma izinyathelo ziyokwesekelwa ekuhlolweni kwezokuvikela futhi ziyobhekana nezimo zomuntu ngamunye kanye nezidingo zokusebenza komkhumbi. Loluhlelo kufanele lukhombise ukuthi ukusetshenziswa kwalo kuzoba nomthelela ekunciphiseni ubungozi bokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle.
Ikakhulukazi, uhlelo lwezokuvikela kufanele lunikeze imininingwane yokuxhumana nezikhulu zokuvikela zomkhumbi futhi kufanele lwenze amalungiselelo okusetshenziswa kwesimemezelo sezokuvikela. Isimemezelo sezokuvikela singadingeka ezimweni ezithile njengokuvakasha komkhumbi echwebeni elingalawulwa ngezokuvikela noma ukufika komkhumbi echwebeni ube lomkhumbi usebenza ngezinga eliphezulu lezokuvikela echwebeni.
I-SAMSA ingadinga izincwadi ezithile okufanele zibhekisiswe uma kugcwaliswa ukuhlolwa kwezokuvikela , isibonelo, ubungozi nemininingwane ngenhlalo yezokuvikela. I-SAMSA ingadinga futhi ukuba kubhekisiswe nezinye izindaba uma kuhlolwa ezokuvikela, isibonelo, isisekelo sokuhlolwa kwezokuvikela kanye nondaba olusemqoka okufanele luthintwe uma kuthunyelwa ukuhlolwa kwezokuvikela.
I-SAMSA iyokhipha umhlahlandlela ozosiza ekulungisweni kohlelo lwezokuvikela lomkhumbi okufanele lubhekwe uma kwenziwa uhlelo.
Lomthethonkambiso uthi I-SAMSA ingamisa izindaba ezithile okufanele zidingadwe ohlakeni lwezokuvikela lwasolwandle, kuzo zonke izinhlelo, izinhlelo zalabo abasebenza ngohlobo oluthile lomkhumbi, noma uhlelo lomsebenzi webanga elithile lomkhumbi wohlobo oluthile. Isibonelo, kungamiswa izidingo ezahlukene zezokuvikela zalabo abasebenza ngemikhumbi ethwala okusaluketshenzi ngomthamo kanye nemikhumbi ethwala izitsha zokuphatha.
I-SAMSA kufanele inake isibopho esibekwe kuSahluko IX-2 noMgomo we-ISPS uma imisa izindaba ezithile okufanele zidingadwe noma zithintwe uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi.
Lomthethonkambiso uthi uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi kufanele lubhalwe futhi lulungiswe ngokuhambisana nemiyalo emiswe IsiPhathimandla.
Lomthethonkambiso ukhombisa inqubo eyolandelwa ngabasebenzi bemikhumbi elawulwa eNingizimu Afrika abafisa ukusebenza ngemikhumbi kuyodingeka balungise uhlelo lwezokuvikela futhi baluthumele kuSAMSA ukuze lwamukelwe.
LoMthethonkambiso uthi iSAMSA iyokwamukela uhlelo lwezokuvikela olubhaliwe uma yaneliseka ukuthi lolo hlelo luyabhekena nezidingo ezifanele ngokusho kwesigaba- 3. Uma I-SAMSA inganelisiwe , kufanele ichithe ingalwemukeli lolo hlelo bese ibhala yaluleka lowo obambe iqhaza ngokuchithwa inike nezizathu zokuchithwa kwalolo hlelo.
I-SAMSA kuyothathwa ngokuthi iluchithile uhlelo uma umsebenzi womkhumbi ethumele uhlelo kwi-SAMSA kwathi I-SAMSA yanganikeza isaziso esibhaliwe sokwamukelwa noma ukuchithwa kuhlelo zingakapheli izinsuku ezingama-90 kusukela ngosuku oluthunyelwe ngalo uhlelo.
Lomthethonkambiso uthi uma uhlelo selwamukelwe luyaqala ukusebenza (okusho ukuthi ukusetshenziswa nokuphoqwa ukuba lugcine sekuyasebenza) ngesikhathi esibalulwe kusaziso sokwamukelwa. Uma isaziso sokwamukelwa singasisho isikhathi noma isikhathi eshiwo singaphambi kokunikwa kwesaziso, uhlelo kuyothathwa ngokuthi luqale ukusebenza ngesikhathi okunikezwe ngaso isaziso.
Uhlelo luhlala lusebenza kuze kube kungena olunye esikhundleni salo noma ukwamukelwa kohlelo kwesulwa.
Lomthethonkambiso ukhombisa ukuthi kungahle kushitshwe isimo kanye nesidingo sokuba I-SAMSA ikwazi ukuyala ukuba kuguqulwe okuthile ohlelweni. I-SAMSA ingabhala isaziso iyale umsebenzi womkhumbi ukuba aguqule uhlelo uma I-SAMSA ingasanelisiwe ukuthi uhlelo lolo lubhekana ngokwanele nezidingo ezibekwe esigabeni- 3. Isaziso kufanele sibeke ngokucacile uguquko okufanele lwenziwe futhi lubalule nesikhathi okuyodingeka ngaso ukuba umsebenzi wokhumbi athumele uhlelo olusha. Uma umsebenzi ahluleka ukunikezela ngohlelo olusha ngokusho kwesaziso singakapheli isikhathi ezimisiwe, noma esinye isikhathi esivunywe yi-SAMSA, i-SAMSA ingasula ukukwamukelwa kohlelo.
Lomthethonkambiso uthi umsebenzi womkhumbi anganika futhi uhlelo olubukeziwe ku-SAMSA ukuze lwamukelwe ngokuzenzela yena. Lapho umsebenzi efisa ukubukezwa kohlelo, inqubo yokwamukelwa kohlelo olubukeziwe okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso- 64 no- 65 iyokusetshenziswa. Uhlelo olubukeziwe uma selwamukelwe lungena esikhundleni sanoma iluphi olunye uhlelo lwalowo mkhumbi obelusebenza ngaleso sikhathi.
Lomthethonkambiso uthi I-SAMSA, ngokubhala isaziso ungayala umsebenzi womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika ukuba abuyekeze uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi uma i-SAMSA ikholwa ukuthi uhlelo alusabhekeli ngokwanele izidingo ezibekwe esigabeni- 3. Lapho umsebenzi anganikezeli ngohlelo olubukeziwe singakapheli isikhathi esinqunyiwe , noma esinye isikhathi esivunywe yi-SAMSA, I-SAMSA kufanele yesule ukwamukelwa kohlelo.
Lomthethonkambiso udinga ukuba uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi lubukezwe njalo eminyakeni emihlanu, ngaphandle uma I-SAMSA seyamukele uhlelo olubukeziwe lalowo obambe iqhaza kuleso sikhathi. Uma umsebenzi womkhumbi engathumeli uhlelo olubukeziwe ukuze lwamukelwe (ngokuhambisana nenqubo yokwamukelwa esunguliwe) uma uhlelo olukhona selukhona iminyaka emihlanu, ukwamukelwa kwalolo hlelo kuyasuleka ngokuzenzela.
Lomthethonkambiso uthi uhlelo lwezokuvikela lomkhumbi lungasulwa uma iSAMSA ihlolwa ukuthi lolo hlelo alusabhekani ngokwanele nezidingo ngokwesigaba -3 nokuthi ngeze kwalunga ukuba iyale ukuba kuguqulwe noma kubuyekezwe lolo hlelo.
Lomthethonkambiso uthi I-SAMSA ingesulwa ukwamukelwa kohlelo lwezokuvikela lomkhumbi uma umsebenzi womkhumbi ehluleka ukulandela uhlelo.
Kulindeleke ukuthi lawa mandla asetshenziswe kuphela kulezo zimo lapho izinyathelo ezingenzima njengokuphoqwa ukuba ulandele noma ulungise ukungalandelwa nakho kungalandelwangwa.
Lomthethonkambiso uthi umsebenzi womkhumbi angacela I-SAMSA ngokubhaliwe ukuba yesule ukwamukelwa kohlelo lokuvikela lomkhumbi.
Lomthethonkambiso uthi imikhumbi elawulwa eNingizimu Afrika kufanele ibe nezitifiketi zokuvikela zamanye amazwe (ISSC).
Lomthethonkambiso wenza kube yicala ukuba umsebenzi womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika ukuba asebenzise umkhumbi ngaphandle kwe-ISSC noma ukusebenzisa I-ISSC yesikhashana, ngaphandle uma kunesizathu esizwakalayo.
Lomthethonkambiso uthi I-SAMSA kufanele ikhiphe- ISSC yomsebenzi womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika uma lowo ofake isicelo enohlelo lokuvikela lomkhumbi olusebenzayo (olwamukelwe ngokusho kwezigaba ezingaphansi kwesahluko 4) kanti nomkhumbi kufanele ube sewehlukanisiwe nge-ISSC.
Umthethonkambiso- 76 uthi uma I-ISSC isebenza futhi isikhulu esigunyaziwe sithola ukuthi umkhumbi awuhlangabezani nezidingo ze-SAMSA zokwahlukanisa, umkhumbi awusahlukanisiwe ngokwe-ISSC. Isikhulu singanika umkhumbi isikhathi esithile sokuba ulungise noma ulandele izidingo zokwehlukaniswa.
usulwe yIsiPhathimandla ; noma umsebenzi womkhumbi kungesenguyena osebenza lowo mkhumbi; noma sekuphele iminyaka emihlanu kusukela I-ISSC yakhishwa.
Ukuze kwenziwe lula ukudluliswa komkhumbi usuka komunye umsebenzi womkhumbi kuya komunye, kungakhishwa I-ISSC yesikhashana kulowo msebenzi womkhumbi osezoba umsebenzi womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika oke waba ne-ISSC ngaphambi kokuba kwedluliswe umsebenzi.
I-ISSC yesikhashana iyohlala isebenza kuze kuphele isikhathi esinqunyiwe kuyona I-ISSC yesikhashana kodwa esingeze sadlula izinyanga eziyisithupha.
Lomthethonkambiso ukwenza kube yicala uma induna yomkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika wenza isenzo esikhombisa ukuthi I-ISSC noma I-ISSC yesikhashana esebenzayo yomkhumbi uma lokhu kungesilo iqiniso. Icala liyasebenza uma isenzo siyiphutha noma singesedukisayo senziwe komunye u-SOLAS kaHulumeni.
Isijeziso: Inhlawulo (R20 000) noma izinyanga eziyu-12 zokuvalela noma kokubili.
Lomthethonkambiso uthi I-SAMSA ingavumela ukuba kuqeqeshwe izikhulu zokuvikela nabanye abasebenzi abaqokwe ukuba benze umsebenzi wezokuvikela. I-SAMSA ingavumela futhi ukuba kusetshenziswe izinto zokuvikela emikhunjini elawulwa eNingizimu Afrika.
I-SAMSA kudingeka ikhumbule isibopho esibekwe eSahlukweni XI-2 kanye noMgomo we-ISPS uma ivumela uqeqesho noma ukusetshenziswa kwezinto zokuvikela. Isibonelo, uMgomo we-ISPS ubeka izidingo zoqeqesho lwezikhulu zokuvikela zemikhumbi, izikhulu zokuvikela zenkampani nezinye izisebenzi eziqokwe ukuba zenze umsebenzi wezokuvikela ngokohlelo lwezokuvikela lwemikhumbi.
Lomthethonkambiso udinga ukuba umsebenzi womkhumbi olawulwa kwamanye amazwe ube nesitifiketi sokuVikela seMikhumbi yakwaManye Amazwe esisemthethweni (ISSC) noma okwamukelwe okufana nayo I-ISSC yomkhumbi. Umkhumbi kufanele futhi uphathe amarekhodi ezokuvikela omkhumbi adingekayo.
Induna yomkhumbi wakwelinye izwe kufanele akwazi ukukhombisa noma ukuveza I-ISSC noma okufanayo ne- ISSC namanye amarekhodi ezokuvikela omkhumbi kuziphathimandla zaseNingizimu Afrika. Lokhu kuyokwenzeka ngesikhathi sokuhlolwa komkhumbi noma ingasiphi isikhathi umkhumbi usemanzini aseNingizimu Afrika.
Uma umsebenzi womkhumbi ehluleka ukuveza amarekhodi omkhumbi adingekayo emkhunjini, induna noma umsebenzi womkhumbi anganikezwa umyalo wokuphatha yi-SAMSA.
Lomthethonkambiso uphoqa induna yomkhumbi wakwelinye izwe ukuba inikeze ulwazi lwezokuvikela oluthile ngaphambi kokuba ifike emanzini aseNingizimu Afrika noma ungene echwebeni njengengxenye yenqubo yokubika ungakafiki.
I-SAMSA iyonquma izidingo zokunikezelwa kolwazi ungakafiki okumbandakanya ulwazi okufanele lunikezwe nokuthi kubani, nini esimweni esinjani, indlela okufanele lolu lwazi linikezwe ngayo. I-SAMSA inganquma ukuba kunikezwe olunye ulwazi ngaphambi okufika noma ngaphanbi kokungena ezindaweni ezithile eNingizimu Afrika.
Uma induna yomkhumbi yehluleka ukugcina lokhu, I-SAMSA inganika induna noma umsebenzi womkhumbi umyalo.
Lomthethonkambiso uthi induna yomkhumbi wakwelinye izwe kufanele ivumele isikhulu esigunyaziwe ukuba singene emkhunjini ukuze siwuhlole ngokuhambisana namandla aleso sikhulu esigunyaziwe abekwe engxenyeni -6. Ukuze kucaciswe umthethonkambiso uthi induna yomkhumbi kufanele inikeze isikhulu amarekhodi ezokuvikela omkhumbi uma icelwa ukuba yenze njalo. Uma induna yomkhumbi ingavumeli isikhulu ukuba sihlole umkhumbi, induna inganikezwa umyalo yi-SAMSA.
Lomthethonkambiso ubeka izinyathelo zezokuvikela okufanele zilandelwe ngumkhumbi olawulwa kwelinye izwe uma usemanzini aseNingizimu Afrika. Umkhumbi kufanele ube sezingeni -1 lezokuvikela ngaphandle uma uMqondisi-Jikelele ememezele okunye. Uma uMqondisi-Jikelele ememezele ukuthi kusebenze izinga- 2 lezokuvikela egcwebeni elilawulwa ngezokuvikela, umkhumbi olawulwa kwelinye izwe okulelo chweba kufanele usebenzise izinyathelo zezinga -2 le-ISPS. Izinyathelo ze-ISPS izinga- 2 yilezo zinyathelo okufanele ngokoMgomo we-ISPS zisetshenziswe uma ezokuvikela olwandle zisebenzisa izinga- 2. Izinyathelo zomkhumbi okufanele zisetshenziswe ngumkhumbi ezingeni- 2 le-ISPS lyikutholakala ohlelweni lwezokuvikela lomkhumbi, njengoba wamukelwe Mbuso. Kusebenza lesi zidingo ezifanayo uma uMqondisi-Jikelele ememezela ukuthi ichweba lisebenzise ezokuvikela izinga- 3.
Lesi sigaba siyavuma ukuthi umkhumbi ungayalwa nguMbuso wawo ukuba usebenzise ezokuvikela ezisezingeni eliphezulu kunalelo elingasebenza ngokwalomthethonkambiso. Kulezi zimo umkhumbi kufanele ulandele umyalo owunikwe nguMbuso wawo.
Uma umkhumbi olawulwa kwelinye izwe ungazisebenzisi izinyathelo zezokuvikela ezihambisana nezinga elimenyezelwe nguMqondisi-Jikelele, umsebenzi womkhumbi anganikwa umyalo wokulawula yi-SAMSA.
Lomthethonkambiso uchaza izinyathelo zamazinga 1, 2 no 3 ze-ISPS ezisebenzayo kwezokuvikela amazinga- 1,2 no- 3 ngokulandelana nalezo okufanele zisetshenziswe njengoba kushiwo kuMgomo we -ISPS. Izinhlobo zezinyathelo okufanele zithathwe zichazwe ngokujwayelekile kuMgomo we-ISPS. Imikhumbi elawulwa kwamanye amazwe enama-ISSC iyakuba nemininingwane yezinyathelo ezibaluliwe ezizosetshenziswa kulamazinga ezokuvikela ezinhlelweni zezokuvikela zomkhumbi ngamunye.
Lomthethonkambiso uthi uma uMqondisi-Jikelele enika umyalo wezokuvikela emkhunjini olawulwa ngaphandle noma kwelinye izwe lowo mkhumbi kufanele ulandele lowo myalo. Uma umkhumbi ungawulandeli umyalo umsebenzi womkhumbi noma induna iyakunikezwa umyalo wokwenza yi-SAMSA.
Ngaphezu komyalo wokolawula, induna yomkhumbi nomsebenzi womkhumbi bangakhokhiswa inhlawulo ngokwehluleka kwabo ukulandela imiyalo yezokuvikela ngokomthethonkambiso- 33, ngaphandle uma umsebenzi womkhumbi enesizathu esizwakalayo.
Lomthethonkambiso uthi umkhumbi olawulwa kwelinye izwe akufanele usebenze ukuxengisa ukulandela kohlelo lwezokuvikela lwasolwandle lwalowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle noma uhlelo lomkhumbi wezokuvikela lomkhumbi olawulwa ngezokuvikela. Uma ukusebenza kuxengisa ukulandela, umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi wakwelinye izwe inganikwa umyalo wokwenza yi-SAMSA.
Lomthethonkambiso uthi uma induna yomkhumbi olawulwa kwelinye izwe ithole isaziso sokuthi kusezebenza izinga lezokuvikela -2 noma- 3 lomkhumbi noma kunikwe umyalo wokwenza womkhumbi, futhi induna ingavumi ukuthi ithole isaziso noma umyalo leyo nduna yenza icala.
Amacala afanayo angasetshenziswa kumsebenzi womkhumbi olawulwa kwelinye izwe.
Isijeziso: Inhlawulo (R20 000) noma ukuvalelwa izinyanga eziyi-12 noma kokubili.
Lomthethonkambiso unika amandla amakhulu phezu kwemikhumbi elawulwa kwamanye amazwe. Ngaphansi kwaloMthethonkambiso I-SAMSA inganika umyalo wokulawula umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi olawulwa kwelinye izwe wokuba kulawulwe ukuhamba komkhumbi noma ukuyala induna noma umsebenzi wokhumbi ukuba athathe izinyathelo ezithile noma ayeke ukwenza okuthile. I-SAMSA inganika umyalo wokwenza kuphela ifuna ukuqinisekisa ukulandela kwesibopho esinikwe umkhumbi olawulwa kwelinye izwe ngaphansi kwalemithethonkambiso noma mayelana nezinyathelo ezithile ezenza ngcono ezokuvikela olwandle njengoba kubekiwe eSahlukweni IX-2 seSOLAS. Isibonelo, uma induna yomkhumbi yehluleka ukuveza I-ISSC esemthethweni yalowo mkhumbi umkhumbi lowo unganqatshelwa ukuba ungene echwebeni laseNingizimu Afrika.
ukuvumela isikhulu esigunyaziwe ukuba singene emkhunjini sihlole umkhumbi noma amarekhodi ezokuvikela akhona kulowo mkhumbi.
Lomthethonkambiso wenza kube yicala uma induna noma umsebenzi womkhumbi womkhumbi olawulwa kwelinye izwe ehluleka ukulandela umyalo wokulawula.
Le ngxenye ikhuluma ngamandla, umsebenzi nemithwalo yezikhulu ngaphansi kwalemithethonkambiso ekuvimbeleni ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha olwandle. Ukhombisa ukuthi yiziphi izikhulu ezigunyaziwe, amandla azo , kanye nekuncishiswa kamandla azo. Indima esempqoka yezikhulu ezigunyanziwe yokuhlola izitifiketi ze-ISSC kanye nokuhlola ngokuphenya ukulandelwa kwalemithethonkambiso yilabo ababambe iqhaza embonini yezasolwandle. Ukuze lokhu kwenzeke ngempumelelo, badinga amandla , okumbandakanya namandla okungena emagcekeni nasemkhunjini nokuthi bahlole izincwadi.
Lo mthethonkambiso ukhombisa izinhlobo ezahlukene zabantu abayizikhulu ezigunyaziwe ngokwenhloso yaleMithethonkkambiso.
Lomthethonkambiso uthi isikhulu esigunyaziwe singahlola umkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika (ukufakazela I-ISSC) kumbandakanya nokuhlola amarekhodi ezokuvikela omkhumbi nazinye izincwadi eziphathelene nezokuvikela ezikhona phakathi emkhunjini. Inhloso yokuhlola ngukubheka ukuthi umkhumbi uyazisebenzisa yini izinyathelo zezokuvikela ukuze uhlangabezane nezidingo zokufakazela I-ISSC. Lezo zidingo zibekiwe kuMthethonkambiso 76.
Lomthethonkambiso uthi isikhulu esigunyaziwe esinamandla esingawasebenziswa ekubhekeni ukuthi umkhumbi uyayilandela yini lemthethonkambiso, uma kusolwa ukuthi awuyilandeli, ukuphenya ukuthi yimuphi ophuliwe. Lawa mandla abalulekile ukuze uMqondisi-Jikelele ne-SAMSA baqaphele ukuthi baphenye ukulandela kwalemithethonkambiso ukuze bafeze indima yalo njengomLawuli . Lomthethonkambiso unika izikhulu ezigunyaziwe ikhono lokubheka nokuhlola inqubo yokusebenza (okumbandakanya nokubhola), ukuxoxisana ngenqubo yokusebenza nethimba noma abanye ababambe iqhaza embonini yezasolwandle (isibonelo abanikeza usizo) nokuhlola nokwenza imifanekiso yezincwadi eziphathelene nezokuvikela.
Lomthethonkmabiso unciphisa ukuthi isikhulu esigunyaziwe singawasebenzisa nini amandla ngaphakathi emkhunjini. Isikhulu esigunyaziwe singasebenzisa amandla noma ingasiphi isikhathi ngaphandle kwesaziso uma umkhumbi ungaphakathi kwemincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela. Kodwa-ke uma amandla kufanele asetshenziswe ngaphandle kwaleyo mincele, kufanele kunikwe isaziso esamukelekile kumsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi.
Lomthethonkambiso unika isikhulu ezigunyaziwe amandla amaningi esingawasebenzisa uma sibheka ukuthi umuntu noma umkhumbi uyayilandela yini lemithethonkambiso nokuthi uma kusolakala ukuthi ayilandelwa kuphenywe lokho kwephulwa. Lawa mandla abalulekile ukuze uMqondisi-Jikelele ne-SAMSA babheke futhi baphenye ukulandelwa kwaleMithethonkambiso kanye nokufeza indima yabo njengabalawuli. Lemithethonkambiso inika isikhulu esigunyaziwe amandla okungena nokuhlola noma iyiphi indawo, isakhiwo, inqola noma umkhumbi ongaphansi kolawulo lwalowo obambe iqhaza. Uma lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle esebenzela endaweni yakhe yokuhlala amandla esikhulu okungena lapho afinyeziwe kuleyongxenye yendawo esetshenziselwa lowo msebenzi. Lezi zikhulu zingahlola futhi futhi zenze umfanekiso wezinto ezisetshenziswayo , babheke inqubo yokusebenza (okumbandakanya nezimbola zokuqeqesha), baxoxisane ngenqubo yokusebenza nabasebenzi noma lowo obambe iqhaza emonini yezasolwandle (isibonelo labo abanikeza usizo), bahlole futhi benze imifanekiso basebenzise noma bavule izinto ezistshenziswayo ukuze bathole izincwadi namarekhodi noma amrekhodi agcinwe yilowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle.
Lomthethonkambiso uthi isikhulu esigunyaziwe singasebenzisa amandla ngaphakathi kwemincele yechweba elilawulwa ngezokuvikela noma ingasiphi isikhathi futhi ngaphandle kwesaziso. Kodwa-ke uma lamandla esetshenziswa ngaphandle kwemincele yechweba, kufanele kunikezwe isaziso esamukelekile kulowo obambe iqhaza embonini.
Lengxenye ivumela uMqondisi-Jikelele ukuba athole ulwazi ngokulandelwa kwezokuvikela kulowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle. Ukuqoqwa kolwazi ngokulandelwa kwezokuvikela kubalulekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi kusetshenziswa izinyathelo ezifanele zezokuvikela futhi kuvikelwa ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle futhi iNingizimu Afrika ihlangabezene nesibopho sayo samazwe omhlaba.
Lemithethonkambiso ivumela uMqondisi-Jikelele ukuba afune ulwazi kulowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle olungasentshenziswa ukuze kutholakale ukulandela kwalobo obambe iqhaza noma ukungalandelwa kwezinhelo zabo zezokuvikela olwandle, izinhlelo zokuvikela zemikkhumbi noma ngezinye izibopho eziphathelene nezokuvikela ngaphansi kwalemithethonkambiso. Lolo lwazi lungulwazi lokulandelwa kwezokuvikela. Uma uMqondisi-Jikelele enezinsolo ezinesisekelo ukuthi lowo obambe iqhaza unolwazi lokulandelwa kwezokuvikela angacela lololwazi kulowo obambe iqhaza. Lolulwazi kufanele lunikezwe singakapheli isikhathi futhi nangendlela ebalulwe ngoMqondisi-Jikelele kusaziso esibhaliwe. Isikhathi okufanele kulethwe ngaso ulwazi kufanel singabi ngaphansi kwezinsuku ezinga14. uMqondisi-Jikelele angasho ukuthi lowo obambe iqhaza alethe ulwazi ngokubhaliwe noma aluthumele ngemishini kagesi.
Ukwahluleka ukugcina isaziso sikaMqondisi-Jikelele kuyicala ngaphandle uma lowo obambe iqhaza enesizathu esizwakalayo.
Isijeziso: Inhlawulo (R20 000) noma ukuvalelwa izinyanga eziyi-12 noma kokubili.
Lemithethokambiso ezovumelauMqondisi-Jikelele ukuba ahlole ezempilo kwezokuvikela zemboni yasolwandle futhi luyovumela ukuba abone ukutengatenga endleleni yezokuvikela olwandle futhi alungise leyo nkinga ngaphambi kokuba ukuphepha kwemboni kuxenge.
Umthethonkambiso -99 ucacisa ukuthi uma umuntu kudingeka ukuba anike ulwazi lokulandelwa kwezokuvikela lowo muntu angeze axolelwa ekubeni anike ulwazi ngezizathu zokuthi lokhu kungase kumthwese icala noma kwenze ukuba athole isijeziso.
Ukwamukela ukuthi amandla okuphoqa ukuqoqwa kolwazi ayengamandla ngokomthetho owaziwayo ongabhaliwe kususiwe, kufanele kuphelekezelwe ngukuvikelwa kwalowo oletha ulwazi, umthethonkambiso- 99 uthi umuntu onika ulwazi noma iluphi ulwazi noma incwadi etholakale ngqo noma ngokungaqondile ngemiphumela yokunikwa kolwazi luyakwamukelwa ngengobufakazi ecaleni lobugebengu noma ngenye nje inkundla yokuqoqwa kwenhlawulo kulowo muntu. Lokhu kuvikelwa akumvikeli umuntu onike ulwazi noma izincwadi okungamanga noma okudukisayo njengoba kushiwo kumthethonkambiso -100. Lomthethonkmabiso uqinisekisa umgomo wokuthi izinqubo zokuqoqwa kolwazi lokulandelwa kwezokuvikela zenze ngcono ezokuvikela olwandle nalezo eziphathelene nenqubo yezinkantolo, ikakhulukazi inqubo yecala lobugebengu, kufanele yehlukaniswe ukuze kuqinisekise ukusabalala ngenkululeko kolwazi lokulandelwa kwezokuvikela. Ukunikeza ulwazi lokulandelwa kwezokuvikela kufanele kukhuthazwe ukuze izinto eziphathelene nokulandelwa zilungiswe ngaphambi kokuba kuxenge ezokuvikela kwezokuthutha olwandle nokubeka engozini umphakathi jikelele.
Lomthethonkambiso wenza kube yicala ukunikeza ulwazi lokulandelwa kwezokuvikela olungamanga noma oludukisayo.
Umyalo wokuphoqwa yisikhali sokulawula esikhishwa nguMqondisi-Jikelele noma I-SAMSA uma icabanga ukuthi kunokwephulwa kweMithethonkambiso okwenzekayo nokuthi kwenziwe okuthile (ukuze kuvinjelwe noma kuthiywe) ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle. Ukusetshenziswa komyalo kukhombisa ukuthi inqubomgomo yokuthi ukulungiswa kwenkinga yikhona okungcono kunokushushisa.
Lo mthethonkambiso uvumela uMqondisi-Jikelele ukuba akhiphe wokuphoqa ovimbela noma othiya ukwenziwa kwezenzo ezithile noma ezidinga ukuba lowo obambe iqhaza embonini yasolwandle oshiwo umyalo wokuphoqwa. Amandla oMqondisi-Jikelele okukhipha umyalo kufanele kwesekelwe inkolelo yokuthi lowo obambe iqhaza uphule isigaba kulemithethonkambiso nokuthi umyalo udingekile ukuze kuqashelwe ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasemanzini.
Lomthethonkambiso uthi umyalo wokuphoqwa uqala ukusebenza ngesikhathi esibalulwe kuso umyalo, isibonelo 1:00 ngosuku oluthile noma uma isikhathi singanqunywanga, ekuqaleni kosuku lwesikhombisa kusukela ngosuku isinqumo esikhishwe ngalo. Ukunqunywa kwesikhathi esiseduze kuyokwenza ukuba kunikwe isinqumo ezimweni eziphuthumayo. Umyalo wokuphoqwa uhlala usebenza isikhathi esinqunywe kuwo umyalo noma uma isikhathi singanqunywanga kuze kube uMqondisi-Jikelele uyasichitha.
Ukuze kuqinisekiswe ukuthi umyalo uhlala ukhona, lomthethonkambiso uthi kufanele ulokhu ubuyekezwe. Ngaphansi kwaleMithethonkambiso uMqondisi-Jikelele kufanele abukeze umyalo wokuphoqwa okungenani njalo ezinyangeni ezintathu, bese kuthi njalo ngemuva kokubukezwa , aqinisekise, aguqule noma achithe isinqumo esibhaliwe. Lokhu kukhombisa ukuthi umyalo wokuphoqa kuhloswe ngawo ukuba kulungisiswe izinkinga ezithile futhi kufanele kuqashelwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi izenzo noma imisebenzi ebalwe kuwo umyalo iyaqubeka nokubhekana nokwephula.
Umyalo kufanele uchithwe ngaphandle uma uMqondisi-Jikelele anelisekile ukuthi umyalo usadingeka ukuze ubhekana nokugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle.
UMqondisi-Jikelele akufanele aguqule umyalo ngaphandle uma anelisekile ukuthi umyalo osuguquliwe uzobhekana ngokwanele nokugxmbukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle nokuthi umyalo osuguquliwe unobudlelwane obucacile nobuqonde ngqo ekwephulweni futhi uhlala uhambisana nokwephulwa.
Umthethonkambiso- 4 ucacisa ukuthi umyalo uyaqhubeka njengoba usuguquliwe futhi kuzodingeka okunye ukubukeza ngemuva kwezinyanga ezi-3.
Umthethonkambiso uthi ukwahluleka koMqondisi-Jikelele ukuba alandele umthethonkambiso akuthinti ukuba semthethweni komyalo.
Lomthethonkambiso wenza kube yicala ukuba lowo obambe iqhaza embonini yezasolwandle ahluleke ukulandela umyalo wokuphoqwa.
Lesi sahluko sibeka umbandela wokukhishwa komyalo wokuphoqa umsebenzi womkhumbi noma induna omkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika. Lemibandela iyefana nomyalo ingakhishwa kwabanye ababambe iqhaza embonini yezasolwandle kuleso simo okufanele aneliswe nokuthi isimo okwenziwe phansi kwaso umyalo ungakhishwa uyefana nomyalo ofinyeziwe ukuthatha nokumisa umyalo othile mayelana nomkhumbi.
Lomthethokambiso uvumela iSAMSA ukuba ikhiphe umyalo wokuphoqa kumsebenzi womkhumbi, womkhumbi olawulwa eNingizimu Afrika noma induna yomkhumbi edinga umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi ukuba enze isenzo esithile noma ukwenza okuthile mayelana nomkhumbi.
Amandla e-SAMSA ukuba ikhiphe isinqumo sokuphoqa afinyeziwe kulezo zimo lapho I-SAMSA ikholelwa ukuthi umkhumbi wephule isigaba kuleMithethonkambiso futhi kudingekile ukuba enze isinqumo ukuze sivimbele ukugxambukela okungekho emthethweni kwezokuthutha zasolwandle.
Umyalo wokuphoqa womkhumbi kufanele ube nobudlelwane obucacile nobuqonde ngqo nokwephula nokuhambisana nokwephulwa. Ezinye izenzo ezingadingeka zimbandakanya ukususwa komkhumbi emanzini athile noma ichweba noma ukususwa noma ukuboshwa komkhumbi echwebeni.
Lomyalo uyefana nomyalo wolawula onganikwa yi-SAMSA kumkhumbi olawulwa kwelinye izwe ezimweni ezithile ngaphansi kwesahluko -2 sengxenye- 5.
Lomthethonkambiso wenza kube icala ukuba umsebenzi womkhumbi noma induna yomkhumbi ehluleke ukulandela umyalo wokuphoqa.
Lomthethonkambiso uthi kungenzeka ukuba uHulumeni angenela izivumelwane zokuvikela ngaphansi kwe-SOLAS. Umthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele kufanele abheka amanye amalungiselelo nokubukeza ngezikhathi ezithile ngezikhathi ezithile ukusebenza kwesivumelwano.
Lemithethonkambiso iyavuma ukuthi isivumelwano salolu hlobo esiguqula noma singene esikhundleni salemithethonkambiso mayelana nezindaba ezithintwa yilesi sivumelwano.
Lomthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele angagunyaza umsebenzi osesikhundleni sokuphatha eMnyangweni wezokuThutha ukuba asebenzise amanye noma onke amandla nomsebenzi woMqondisi-Jikelele ngaphansi kwalemithethonmabiso.
Lomthethonkambiso uthi uMqondisi-Jikelele angasungula izikhungo ezizokwenza -lula ukusebenza ngempumelelo kwaleMithethinkambiso.
Lemithethonkambiso nesixhumelo- 2 zisungula imali okufanele ikhokhelwe umsebenzi owenziwa nguMqondisi-Jikelele.
